Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 10/91 k. 4
  • Ukushumayela Izindaba Ezinhle

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukushumayela Izindaba Ezinhle
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Zisebenzise Ngokuhlakanipha Izincwadi Zethu Ezisekelwe EBhayibhelini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2005
  • Ingabe Uyazazisa Izincwadi Zethu?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
  • Yazise Impahla Engokwasezulwini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
  • IBhokisi Lemibuzo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
km 10/91 k. 4

Ukushumayela Izindaba Ezinhle

Ngokusebenzisa Izincwadi Ngokuhlakanipha

1 Isimiso sosuku lomhlangano okhethekile wonyaka wenkonzo ka-1991 saqokomisa inkulumo enesihloko esithi “INkonzo Yethu—Ayivamile, kodwa Ingcwele.” Sagcizelela ukuthi umsebenzi wethu ungcwele futhi akumelwe uthathwe kalula. Njengoba ukusetshenziswa kwezincwadi ezibhaliwe kuyingxenye ebalulekile yenkonzo yethu, lokhu nakho kumelwe kuphathwe ngenhlonipho. Ngamunye wethu angabonisa inhlonipho enkulu esinayo ngazo ngokuba asebenzise izincwadi zethu ngokuhlakanipha.

2 Phakathi nonyaka wenkonzo ka-1990, iNhlangano yakhiqiza omagazini abayizigidi ezingu-678 namaBhayibheli nezincwadi ezinoqwembe oluqinile okungaphezu kwezigidi ezingu-51 ukuze zisetshenziswe ensimini yomhlaba wonke. Lokhu kubonisa ukusetshenziswa okukhulu kwengcebo yezinto ezinikezelwe, kuhlanganise nesikhathi, amandla, nemali. Imizamo yokubambisana yezisebenzi zokuzithandela eziningi iphumela ekukhiqizweni kwezincwadi zohlobo oluphambili kokubili zokusetshenziswa yithi nokuhanjiswa enkonzweni yasensimini. Yiziphi ezinye izindlela esingabonisa ngazo ukwazisa okuvela enhliziyweni ngezincwadi zethu njengoba sazisa abanezinhliziyo eziqotho ngesigijimi soMbuso?

3 Isifundo Sakho Siqu Nesomkhaya: KumaRoma 2:21 umphostoli uPawulu uthi: “Wena-ke ofundisa omunye awuzifundisi wena na?” Lapho sizinika isikhathi sokufunda, ukutadisha, nokuzindla ngobuqotho ngezincwadi zethu ezisekelwe eBhayibhelini, ngaleyondlela thina siqu sibonisa indlela esiwazisa ngayo amalungiselelo kaJehova okudla okungokomoya asinika khona ngesikhathi ngesigaba sakhe somphathi. (Luka 12:42) Ukuhambisana namaqiniso embuliwe, kungaba ngesifundo somuntu siqu noma somkhaya, kusenza sikwazi ukuhlakulela ukwazisa okukhulu ngakho konke lokho uJehova aye wasiphathisa khona ukuba sikunakekele. Abantwana nabo, kumelwe baqeqeshwe ngokufanelekile ukuze bazazise futhi bazinakekele izincwadi zabo, bangazibhali ngobudlabha noma bazenze zibe manikiniki. Ngaphezu kwalokho, izincwadi zethu kumelwe zibekwe endaweni efanele ukuze zihlale zihlanzekile ukuze zisetshenziswe ensimini.

4 Gwema Ukumosha: Ukuze zizuzise ngempela, izincwadi zethu kumelwe zifinyelele ezandleni zabantu abafuna iqiniso, okungukuthi, labo abanesithakazelo esiqotho esigijimini nasemsebenzini wethu. (Math. 10:11) Khona-ke kumelwe sigweme ukuphisana ngezincwadi ngokungakhethi kulabo abangazange babonise ukwazisa kwangempela ngesigijimi seBhayibheli. Ukumosha kungenzeka futhi uma siyeka omagazini, izincwadi, noma ezinye izincwadi ukuba kunqwabelane emakhaya.

5 Njengoba omagazini benezinsuku, sinesikhathi esilinganiselwe sokubahambisa bengakaphelelwa isikhathi. Ngakho kudingeka umzamo wokubambisana ngasohlangothini lwethu ukuze siphume siye enkonzweni futhi senze labomagazini batholakale kulabo abanesithakazelo. Uma sithola ukuthi omagazini bethu basanqwabelana, mhlawumbe kungaba kuhle ukulungisa isimiso sethu ukuze sibe nesikhathi esengeziwe emsebenzini kamagazini. Noma uma lokhu kungeke kwenzeke, kumelwe senze ushintsho e-odeni lethu. Ngokulandela lokhu kusikisela, sizibonakalisa singabaphathi abathembekile bomusa kaNkulunkulu ongasifanele.—1 Kor. 4:2; 1 Pet. 4:10, 11; qhathanisa noLuka 16:1, 10.

6 UJehova uye ‘waphathisa’ abantu bakhe abazinikezele umthwalo wemfanelo nomsebenzi onzima, kuhlanganise ‘nempahla’ ‘umphathi’ wakhe othembekile anegunya kuyo. (2 Thim. 1:12; Luka 12:42-44, 48b; 1 Thim. 6:20) Sinokwazisa okujulile ngamalungelo esinawo enkonzweni kaNkulunkulu, kwangathi singaqhubeka sizisebenzisa kahle izincwadi zethu ekushumayeleni izindaba ezinhle kwabanye.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela