Shumayela Indlela KaNkulunkulu Eholela Ekuthuleni Nokulondeka
1 Abantu baye benza izihlongozo eziningi zokuthula nokulondeka, kodwa azikho kulezi ezigcwalisa isidingo sangempela sabantu emhlabeni wonke. Nakuba inzondo engokwenkolo, yobuhlanga, neyobuzwe, kuhlangene nesifiso nokuhaha okungokombangazwe, kubonakala kuyimigoqo emikhulu endleleni eholela ezweni elilondekile nelinokuthula, amaKristu eqiniso ayazi ukuthi izithiyo zangempela uSathane uDeveli kanye nokwenqaba komuntu ukuzithoba kuJehova uNkulunkulu.—IHu. 127:1; Jer. 8:9; 1 Joh. 5:19, NW.
2 Phakathi noJanuary, sizozama ukusiza omakhelwane bethu ukuba babone ukuthi indlela kaNkulunkulu eholela ekuthuleni nokulondeka yiyona okuwukuphela kwayo nokuthi uJehova unekhambi eliwujuqu kuzo zonke izinkinga zesintu.
3 Ukusebenzisa Isipho: Singasihlanganyela nabanye lesigijimi esakhayo ngokusebenzisa isipho sika-January esisikiselwe, Ukuthula Kweqiniso Nokulondeka—Ungakuthola Kanjani?, ngomnikelo ka-R2,60. (Sizani niphawule: Kungase kuhanjiswe izincwadi ezihlukile kwezinye izilimi. Sizani nibhekisele ezazisweni ngokuqondene nolimi oluthile enisebenza ngalo ukuze nithole ukuthi yiziphi izincwadi okufanele zihanjiswe.)
4 Izigidi zabantu namuhla zicindezelekile, futhi zilangazelela isikhathi sokuphiliswa nesokuthula kweqiniso, nokulondeka. Incwadi ethi Ukuthula Kweqiniso Nokulondeka—Ungakuthola Kanjani? ingaba umthombo wangempela wesikhuthazo kwabaningi. Ukuthula kweqiniso nokulondeka kungavela emthonjeni owodwa kuphela, uJehova uNkulunkulu. Njengoba uJehova ewukuphela komthombo wokuthula kweqiniso, abantu kudingeka ‘bakhuphukele entabeni kaJehova’ futhi bafundiswe izindlela zakhe. (Mika 4:2, 3) Lencwadi izosiza abantu abanhliziyo-ziqotho ukuba bafunde indlela uJehova, ngoMbuso wakhe, ayoletha ngayo ukuthula nokulondeka okuhlala njalo kulomhlaba.
5 Abantu abaningi bayazibuza ukuthi imizamo yamanje yokuthula iyophumelela yini. Incwadi ethi Ukuthula Kweqiniso ingabaduduza ngolwazi lokuthi uNkulunkulu uzoletha ukuthula okuhlala njalo esintwini. Injongo yakhe ngomhlaba ayikuvumeli ukuba wonakaliswe ngabantu. Indlala, ubumpofu obukhulu, ukungabi namakhaya kuyisabelo sansuku zonke sezigidi zabantu kulelizwe. Incwadi ethi Ukuthula Kweqiniso ibhekisela kokuwukuphela kwekhambi langempela kulezinkinga. Ukungalondeki komuntu siqu ngenxa yobugebengu obanda ngokushesha kwenza abaningi bazizwe njengabathunjwa emakhaya abo siqu. Incwadi ethi Ukuthula Kweqiniso inikeza ukuqonda okungokomBhalo ngokuqondene nekhambi.
6 Izindlela zokuphila zesimanje, kuhlanganise nokuxhashazwa nokusetshenziswa kabi kwamandla obulili avela kuNkulunkulu, kuye konakalisa ukuphila kwabantu abangenakubalwa nemikhaya. Incwadi ethi Ukuthula Kweqiniso ibhekisela ezindinganisweni zikaNkulunkulu nasesivikelweni esitholwa yilabo abakhetha ukuphila ngazo. Kungani ungabukezi uhlu lwezihloko eziqukethe, kanye nezahluko zalencwadi ezingase zikhange kubantu abasensimini yethu?
7 Qalisa Izifundo ZeBhayibheli: Isifundo seBhayibheli kufanele sisikiselwe ngazo zonke izikhathi lapho sihambisa incwadi. Futhi siye sakhuthazwa ukuba siqalise izifundo ngepheshana, incwajana, noma umagazini. Uma uthola ukuthi umninikhaya usenayo kakade enye yezincwadi zethu, ngokuhlakanipha sikisela ukumbonisa indlela engase isetshenziswe ngayo esifundweni seBhayibheli. Amapheshana nezincwajana ezingangomagazini kungamathuluzi amahle kakhulu esingawasebenzisa lapho abantu bengase bangakwazi ukuthatha enye yezincwadi zethu ezinoqwembe oluqinile.
8 Ukulondeka kwangempela kungavela kuMdali kuphela, uJehova uNkulunkulu. Sifuna ukusiza abaningi ngangokunokwenzeka ukuba bavulele izinhliziyo zabo nezingqondo eqinisweni leZwi likaNkulunkulu futhi bamukele ithemba elisinika lona. Kwangathi singazisebenzisa kahle izinsiza-kufundisa esinazo ukuze sishumayele indlela kaNkulunkulu eholela ekuthuleni nokulondeka.—Isaya 2:3, 4.