Yiba Ngoshintshashintshayo Enkonzweni Yakho
1 Kuye kwathiwa ukwehlukahluka kuyisinongo sokuphila. Ngokuvamile, ukwethula indaba ngendlela ehlukile kungayenza ithakazelise ngokwengeziwe. Lokhu kuyiqiniso nangenkonzo yethu. Uma singaqaphile, izintshumayelo zethu zasendlini ngendlu kalula nje zingaba ezingaguquki. Ukuphindaphinda izingeniso ezifanayo njalo kungaba yisicefe kithi nakubaninikhaya. Ngakho-ke, yiba ngoshintshashintshayo enkonzweni yakho. Kodwa ungakwenza kanjani lokhu?
2 Esikhundleni sokusho into enjengokuthi, ‘Sawubona. Sivakashela omakhelwane bethu ngezindaba ezinhle zoMbuso,’ kungani ungacabangi izindlela zokushintshashintsha amazwi akho esethulo? Incwadi Ukubonisana iqukethe ingcebo yokwaziswa ngezingeniso. Emakhasini 9-15, kunezingeniso eziphathelene nezindaba ezingu-18 ezihlukahlukene. Futhi kunezingeniso ezimbili, ezintathu, noma ezengeziwe ezingase zisetshenziswe zezindaba eziningi.
3 Uma usebenzisa incwajana engangomagazini ethi “Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?,” lesingeniso esisengxenyeni ethi “Ukuphila/Injabulo” ekhasini 12 singaba usizo:
◼“Sikhuluma nabantu abakhathazeka ngempela ngesimo sokuphila namuhla. Abaningi bayazibuza, Ingabe ukuphila okujabulisa ngempela kungenzeka? Lencwajana inikeza umbono okhuthazayo noshukumisa ingqondo.” Phenya incwajana ekhasini 25, futhi ufunde iphuzu elilodwa noma amabili avelele ezigabeni 15 no-16.
4 Abanye abamemezeli boMbuso—ikakhulukazi abasha nabasanda kuhlanganyela, kodwa nasebekhulile ngokufanayo—baye bathola ukuthi isingeniso esithakazelisayo eminyango singenziwa ngokusebenzisa amapheshana.
Ummemezeli osemusha angase asebenzise ipheshana elithi “Ingabe Lelizwe Liyosinda?” futhi athi:
◼“Ngikuphathele isigijimi esifushane ngekusasa lalelizwe. Ngithanda ukukunika lelipheshana elinesihloko esithi Ingabe Lelizwe Liyosinda?” Khona-ke ummemezeli omdala ohamba nalomuntu osemusha anganquma ukuthi akwenezele yini ukukhulumela okwengeziwe, noma ahambise incwadi, kuye ngokusabela komninikhaya.
5 Uma umninikhaya ebonisa isithakazelo, ummemezeli omdala angase athi:
◼“Phawula lemifanekiso emibili, omunye ngowendiza ewisa amabhomu ngesikhathi sempi futhi omunye ngowomntwana obulawa yindlala. [Phenya ekhasini 5.] Bheka lomfanekiso wokuzamazama komhlaba nowendoda egulayo esembhedeni wasesibhedlela. [Hlaba ikhefu.] IBhayibheli libonisa ukuthi izinto ezinjalo ezimbi ziyophela ngokushesha.” Khona-ke funda isAmbulo 21:4, 5 neHubo 46:8, 9.
6 Lapho uhambisa incwadi ethi Umvuthwandaba WesAmbulo, kungani ungaqokomisi umbono oqondile wekusasa ovezwe kusAmbulo 21:3, 4? Khona-ke funda isigaba 7 ekhasini 303 lalencwadi. Buza umninikhaya ukuthi kunengqondo yini ukukholelwa ukuthi uNkulunkulu uyozigcwalisa lezithembiso. Ingxoxo emfushane ngeziprofetho zeBhayibheli esezigcwalisekile kakade kufanele iqinise ukwethembela komninikhaya emandleni kaNkulunkulu okubusisa uhlanga lwesintu.
7 Bonke abamemezeli boMbuso bafuna ukuhlanganyela ekuthuthukiseni izithakazelo ezingokwasezulwini, batshale imbewu yeqiniso lapho kunokwenzeka khona futhi bahlakulele isithakazelo esibonisiwe. Lapho sesiyenzile ingxenye yethu, ngenjabulo singashiyela noma yikuphi ukukhula kwesikhathi esizayo ezandleni zikaJehova. Sinezindaba ezinhle kakhulu esingazihlanganyela nomakhelwane bethu. Ngokuba ngabalungiselele ngaso sonke isikhathi, singaba ngabashintshashintshayo ekushumayeleni isigijimi soMbuso nabahlakaniphile ekuhambiseni izincwadi zethu.