Basize Bathathe Isinyathelo Esivumelana Nesigijimi SoMbuso
1 Umsebenzi wethu wokushumayela unikeza abantu ithuba lokuzwa ‘izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu.’ (Math. 24:14) Kodwa ukuze basinde ‘osizini olukhulu,’ kufanele futhi benze ngokuvumelana nazo futhi babe abafundi bakaJesu Kristu. (IsAm. 7:14; Math. 28:19, 20) Ukuphila kuhilelekile! Ngakho qikelela ukuba uphindele kulabo ekuqaleni ababonise isithakazelo kwenye yezintshumayelo ozisebenzisile kulenyanga.
2 Uma washiya incwadi ethi “Intsha Iyabuza,” ungase uthi:
◼ “Kuyajabulisa ukuphinde sibonane. Esikhathini esidlule lapho sikhuluma, saxoxa ngezinkinga intsha ebhekana nazo. Ngakushiyela incwadi enikeza izimpendulo zemibuzo eminingi intsha eyibuzayo. Uma uke waba naso isikhathi sokufunda lencwadi enhle, cishe usiqaphelile iseluleko esiwusizo nesifike ngesikhathi esiyiqukethe. Ngizothanda ukusebenzisa imizuzu embalwa ngiqokomise ikusasa elimangalisayo elithenjiswe uNkulunkulu.” Khona-ke, vula ikhasi 306 no-307, uqokomise amaphuzu afanelekile nemibhalo uma isikhathi sivuma. Hlela ukuphinde ubuye uzoqhubeka nengxoxo.
3 Uma ekuhambeleni kokuqala washiya ipheshana elithi “Ingabe Lelizwe Liyosinda?” ungasho okuthile okufana nalokhu:
◼ “Ngiyajabula ukukuthola usekhaya namuhla. Lapho ngikuvakashele muva nje, sakhuluma ngezenzakalo ezakha isibonakaliso esasiyoba khona ngaphambi kokuphela kwalelizwe. [Bukeza izici ezifanelekile zesibonakaliso esikuMathewu 24:3-14.] Ingabe sikhona isenzakalo oye wasiqaphela esiye senzeka muva nje ezweni noma emphakathini wakithi ocabanga ukuthi kungenzeka siwukugcwaliseka kwengxenye yalesosibonakaliso?” Donsela ukunakekela esihlokweni esikomunye womagazini bamuva, esiqokomisa ukugcwaliseka kwezinye zaleziprofetho zeBhayibheli. Hambisa omagazini ababili ngomnikelo ka-R1,60. Lapho usuzohamba, yisho isihloko senkulumo yeningi yangalelosonto, bese ummema ukuba eze azokuba nani eHholo LoMbuso.
4 Uma wawumemele umninikhaya eSikhumbuzweni, yisho lokhu:
◼ “Lapho ngigcina ukukuvakashela, sakhuluma ngendlela ukufa kukaJesu okubaluleke ngayo esintwini. Ngaze ngakumema ukuba ube khona eSikhumbuzweni sokufa kwakhe esizogujwa amaKristu emhlabeni wonke ngo-March 26. Namuhla ngizele ukuzokukhumbuza ukuthi uyamenywa kulesosenzakalo esibalulekile. [Yisho indawo lomkhosi ozogujelwa kuyo nesikhathi.] Ukubukeza ezinye zezibusiso esizijabulelayo manje ngenxa yalokho uJesu akwenzela isintu, kanye nezibusiso eziseza kungakusiza ukuba uqaphele ukubaluleka kwalesenzakalo.” Uma kungenzeka, yenza amalungiselelo okusiza umuntu othakazelayo ukuba abe khona eSikhumbuzweni.
5 Uma umuntu ayeyisilaleli esihle, lokhu kungase kuphumelele:
◼ “Ngayijabulela kakhulu ingxoxo yethu yamuva ephathelene neBhayibheli. Ngibuyile ngoba ngingathanda ukukubona ujabulela lokho uNkulunkulu akuthembise labo abafuna ukufunda okwengeziwe ngaye.” Funda uJohane 17:3, bese ubhekisela epheshaneni elithi Ukuphila Ezweni Elisha Elinokuthula.
6 Kwangathi uthando lwakho ngokuphila nokwazisa isihlengo kungakushukumisela ukuba wenze izimpindelo kubantu abanesithakazelo. Basize ukuba benze ngokuvumelana nesigijimi soMbuso esivusa amadlingozi. Khumbula, “isikhathi siseduze.” —IsAm. 1:3.