Phindela Ukuze Usindise Abathile
1 Kuyintando kaNkulunkulu “ukuba zonke izinhlobo zabantu zisindiswe futhi zifinyelele olwazini lweqiniso.” (1 Thim. 2:4) Yini esingayenza ukuze sisize? Yenza izimpindelo ngomgomo wokufundisa iqiniso ngesifundo seBhayibheli sasekhaya sasikhathi sonke. Yini ozoyisho? Ukusikisela okulandelayo kungakusiza.
2 Lapho wenza impindelo, kungakhathaliseki ukuthi yahanjiswa incwadi ethi “Umuntu Omkhulu” noma cha, ungase uthande ukusebenzisa lendlela eqondile ekuqaleni isifundo:
◼Ungase ubuze: “Yini eyenza uJesu waba umuntu omkhulu kunabo bonke emhlabeni?” Ungaphendula ngokubhekisela ezihlokweni ezimbalwa kwezingu-133 ezigxile ekuphileni kwakhe, ebuntwini bakhe, ekufundiseni kwakhe, nasemisebenzini yakhe. Isahluko 24 sichaza injongo yakhe yokuza emhlabeni. Isahluko 35 sibukeza iNtshumayelo yakhe edumile yaseNtabeni. Isahluko 133 sisichathazela kancane izibusiso eziyojatshulelwa isintu lapho eqeda umsebenzi wakhe. Bonisa umninikhaya indlela imibuzo nemibhalo esekugcineni kwesahluko ngasinye okusisiza ngayo ukuba siqonde amaphuzu asemqoka esahluko ngasinye. Hlanganisa nje amaphuzu ambalwa bese wenza amalungiselelo aqondile okubuya.
3 Enye indlela kungaba yilena:
◼“Ngayijabulela ngempela ingxoxo yethu yangesonto elidlule. Abantu abaningi baye bezwakalisa ukukhathazeka ngezimo zezwe eziya ziba zimbi. Ngicabange ukuthi isahluko 111 salencwadi ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila, singakuthakazelisa. [Lungiselela ukukhulumela izingxenye ezikhethiwe esahlukweni 111 ukuze emibuzweni yokubukeza esekugcineni kwesahluko uphendule umbuzo owodwa noma emibili, ngokwesibonelo othi: “Yiziphi izimo zezwe eziphawula ukuba khona kukaKristu?” noma “UJesu unikeza muphi umfanekiso ukuze asize abafundi bakhe besikhathi esizayo baqonde lapho isiphelo sesiseduze?”] Ngokusekelwe kulokho esikufunde lapha, ungathi liyini ithemba lethu eliseduze lesikhathi esizayo? [Lindela impendulo bese utusa umninikhaya.] Yini okufanele siyenze uma sinethemba lokusinda esiphelweni salesi simiso?” Funda uJohane 17:3 bese usikisela isifundo seBhayibheli sasekhaya.
4Uma umuntu esimhambele ematasa, sisengaphumelela ngokuthi:
◼“Ngiyaqaphela ukuthi unesikhathi esincane, kodwa nakhu okuthile ongacabanga ngakho lapho usaqedela umsebenzi wakho. [Funda uMathewu 5:3.]” Noma ungase uthi: “Ngikubhalele lemibhalo emithathu. Njengoba lesi kungesona isikhathi esikahle sokuxoxa, ngizokushiyela yona, futhi ngingathanda ukuthi lapho ngibuya ngithathe imizuzu emihlanu ukuba ngixoxe nawe ngayo.” Uma kubonakala sengathi esinye isikhathi singaba ngcono ngomninikhaya, ungase ubuze: “Ungathanda yini ukwazi okwengeziwe ngokuthi isiphelo salesi simiso sezinto siyoba nini?” Ungabe-ke usuhlela ukubuya uzophendula lombuzo.
5 Khumbula ukuthi umgomo wokwenza izimpindelo uwukuqala izifundo zeBhayibheli. Siyothola injabulo enkulu lapho labo esifunda nabo befunda ukubiza uJehova ukuze basindiswe.—IzE. 2:21.