Gxilisa Ithemba Lokuphila Okumi Phakade Kwabanye
1 Nakuba umuntu eye wafuna izindlela zokulibazisa inqubo yokuguga nokwandisa isikhathi sokuphila kwakhe, ukuguga nokufa akukagwemeki. Yeka indlela esibonga ngayo ukuthi iBhayibheli liyachaza ukuthi kungani abantu beguga futhi befa, nokuthi umonakalo wokuguga uyolungiswa kanjani futhi kuqedwe nokufa. La maqiniso abekwe ngendlela ekholisayo encwadini ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade. Le ncwadi iyiphendula ngokucacile imibuzo edidayo ephathelene nokuphila nokufa, iqondisa umfundi esikhathini lapho iPharadesi liyobe selibuyiselwe khona.
2 Ngo-March sizohambisa incwadi Ulwazi sinomgomo wokuqala izifundo zeBhayibheli zasekhaya. (Math. 28:19, 20) Sizobe sesiphindela kubo bonke abantu ababonise isithakazelo emyalezweni woMbuso. Ngale ndlela singase sigxilise ithemba lokuphila okumi phakade kwabanye. (Thithu 1:2) Ukuze ufeze lokhu, ukusikisela okulandelayo kungase kube usizo.
3 Ekuhambeleni kokuqala, ungase ubuze lo mbuzo:
◼“Ingabe wake wazibuza ukuthi kungani abantu befisa ukuphila isikhathi eside? [Lindela impendulo.] AmaBuddha, amaHindu, amaKristu, amaMuslim nabanye, bonke banethemba lokuphila ngemva kokufa.” Vula incwadi Ulwazi esahlukweni 6, esithi “Kungani Siguga Futhi Sifa?” bese ufunda isigaba 3. Khulumela imibhalo ekhonjiwe. Ubhekisela emibuzweni emibili esekupheleni kwesigaba, buza umninikhaya ukuthi angathanda yini ukuzibonela ngokwakhe izimpendulo. Uma enesifiso salokho, qhubeka uxoxa ngezigaba ezimbalwa ezilandelayo. Sizobe sesiqaliwe isifundo! Hambisa incwadi ngomnikelo ka-R4,00 bese wenza amalungiselelo okuphindela, futhi kutuswa ukuba uphindele kungakapheli usuku olulodwa noma ezimbili, ukuze nixoxe ngalezo zimpendulo.
4 Uma uphindela lapho uhambise khona incwadi “Ulwazi,” ungase uthi:
◼“Ngibuyile ukuze sicabangele le mibuzo emibili ephathelene nokufa esayishiya ingaphendulekile.” Khumbuza umninikhaya leyo mibuzo. Ngemva kwalokho xoxa ngokwaziswa okusesahlukweni 6 ngaphansi kwesihlokwana esithi “Icebo Elinokukhohlakala.” Kuye ngezimo, ungaqhubeka nesifundo noma usebenzise umbuzo wokugcina osekugcineni kwesigaba 7 ukuze ubeke isisekelo sengxoxo elandelayo. Yenza amalungiselelo aqondile okuphindela. Nikeza umninikhaya isimemo bese uchaza kafushane indlela imihlangano yebandla eqhutshwa ngayo. Mmeme ngokufudumele ukuba abe khona.
5 Endlini ngendlu noma ekufakazeni ngokwethukela, ungase uqale ingxoxo ngokuthi:
◼“Ingabe wake wazibuza ukuthi lizoba njani ikusasa lethu nelomhlaba? [Lindela impendulo.] IBhayibheli lilifingqa ngezwi elilodwa ikusasa—iPharadesi! Lichaza ukuthi ekuqaleni, uNkulunkulu wenza ingxenye ethile yomhlaba yaba ipharadesi elihle lapho abeka khona umbhangqwana ongabantu ayewudalile. Kwakufanele ugcwalise wonke umhlaba ngabantu, kancane kancane bawushintshe ube ipharadesi. Phawula le ndlela okuchazwa ngayo ukuthi kumelwe ukuba kwakunjani.” Vula ikhasi 8 lencwadi Ulwazi bese ufunda isigaba 9, ngaphansi kwesihlokwana esithi “Ukuphila EPharadesi.” Yibe usuxoxa ngamaphuzu asesigabeni 10, bese ufunda umbhalo okhonjiwe, u-Isaya 55:10, 11. Sikisela ukuba niqhubeke nixoxa ngendlela ukuphila okuyoba ngayo ePharadesi elibuyiselwe bese nihlanganisa izigaba 11-16 ndawonye. Hambisa incwadi ngomnikelo kaR4,00. Khuthaza lowo muntu ukuba azifundele zona, bese uhlela ukuba niphinde nihlangane ukuze nixoxe ngazo.
6 Uma isifundo singazange siqalwe ekuhambeleni kokuqala, ungazama ukwenza kanjalo lapho uphindela ngokuba uthi:
◼“Njengoba saxoxa esikhathini esidlule, kuyinjongo kaNkulunkulu ukuba wonke umhlaba uguqulwe ube ipharadesi. Lokhu kuphakamisa umbuzo othi, Liyoba njani iPharadesi?” Vula isahluko 1 sencwadi Ulwazi bese nitadisha izigaba 11-16, ngaphansi kwesihlokwana esithi “Ukuphila EPharadesi Elibuyiselwe.” Ngemva kwalokho mbonise umfanekiso osemakhasini 4-5 bese ubuza lowo muntu ukuthi angathanda yini ukuphila endaweni enhle kanjalo. Yibe usufunda umusho wokuqala wesigaba 17 ekhasini 10. Kuye ngezimo, qhubeka nesifundo noma usho ukuthi lapho uphinde uvakasha uzochaza ukuthi yini edingekayo ukuze umuntu aphile ePharadesi elibuyiselwe. Shiya isimemo, uchaze izikhathi zomhlangano, bese umema lowo muntu ngokufudumele ukuba abe khona eHholo LoMbuso.
7 Incwadi Ulwazi iyithuluzi elihle kakhulu elingasetshenziselwa ukwembulela abanye ‘ukuphila okumi phakade’ okuthenjiswe uNkulunkulu. Ukuqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya nabantu kungagxilisa kubo leli themba elihle eliphefumulelwe uNkulunkulu “ongenakuqamba amanga.”