Khuluma Ngesibindi
1 Eminyakeni yamuva abamemezeli kwezinye izindawo bakuthola kunzima kakhulu ukukhuluma nabantu emizini yabo. Abaningi babika ukuthi abantu abangaphezu kwamaphesenti angu-50 abatholakali emakhaya lapho behanjelwe endlini ngendlu. Ngenxa yalokho, kunesikhathi esiningi esichithwayo.
2 Eminyakeni edlule abantu abaningi bebetholakala emakhaya ngeSonto, ngokuvamile okuwusuku olwalubhekwa njengosuku lokuphumula. Amasiko aseshintshile. Kuvamile namhlanje ukuba abantu baye emisebenzini yokuziphilisa, banakekele izidingo zemikhaya ezinjengokuthenga, noma ukwenza imisebenzi yokuzilibazisa, nakho okwenza bangabi bikho emakhaya. Ngakho ngisho nangamaSonto, ukuthola abantu endlini ngendlu kuye kwaba inkinga.
3 Uma abantu bengekho emakhaya, ngokusobala kusho ukuthi basendaweni ethile. Njengoba umgomo wethu uwukuxoxa nabantu, kungani singakhulumi nalabo esihlangana nabo—emgwaqweni, ezimakethe, noma endaweni yomsebenzi. Kwakuwumkhuba kaPawulu ukuxoxa “nalabo okwakwenzeka ukuba babe khona,” ukuze abanikeze ubufakazi. (IzE. 17:17) Ngaleso sikhathi lena kwabonakala kuyindlela ephumelelayo yokufakaza, futhi iyindlela ephumelelayo yokufakaza nasosukwini lwethu.
4 Lapho sihamba indlu ngendlu, ngokuvamile sibona abantu bezihambela nje noma mhlawumbe belinde othile. Ngosuku olucwathile, kungenzeka bahleli epaki noma balungisa imoto yabo noma bayayihlanza. Ukumoyizela ngomusa nokubingelela kobungane kungase kube yilokho kuphela esikudingayo ukuze siqale ingxoxo. Uma behlala eduze, singase sisho nokuthi sigejane kancane nabo ekhaya kodwa manje siyajabula ukuthi sinaleli thuba lokuxoxa nabo. Ngokuthatha isinyathelo kuqala sokubonisa isibindi, abaningi baye bajabulela okuhlangenwe nakho okunomvuzo.
5 Isibindi Siveza Imiphumela: Omunye umzalwane walandisa ukuthi uxoxa nabantu abamile, abalinde ibhasi, abazihambelayo nje, noma abahleli emotweni. Ngokumoyizela ngomusa nezwi elenamile, uba umakhelwane onobungane ozele nje ukuzovakasha. Ngalendlela akazange nje ahambise izincwadi eziningi kuphela kodwa uye waqala nezifundo zeBhayibheli eziningana.
6 Omunye umzalwane nomkakhe babehamba indlu ngendlu lapho behlangana nowesifazane owayezihambela ephethe isikhwama esikhulu esinokudla. Baqala ingxoxo, bemtusa ngenkuthalo yakhe yokunakekela izidingo zomkhaya wakhe. Babuza ukuthi: “Kodwa ubani onganelisa izidingo zesintu?” Lokho kwavusa isithakazelo salona wesifazane. Ingxoxo emfushane yaholela esimemweni sokuba bafike emzini wakhe, lapho kwaqalwa khona isifundo seBhayibheli.
7 Ngakho esikhathini esizayo lapho ufakaza endlini ngendlu, kungakhathaliseki ukuthi kungeSonto noma olunye usuku lwesonto, futhi uthola abantu bengekho ekhaya, kungani ungaqungi isibindi futhi ukhulume nabantu ohlangana nabo—emgwaqweni noma kwenye indawo? (1 Thes. 2:2) Ungase ube nenkonzo ethela izithelo ezengeziwe, futhi uyothola injabulo eyengeziwe enkonzweni yakho.