Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 7/97 k. 4
  • Siza Abanye Bathole Induduzo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Siza Abanye Bathole Induduzo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Lingisa UJehova Ngokukhathalela Abanye Ngobuqotho
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
  • Memezela Izindaba Ezinhle ZoMbuso Ngezincwajana Ezingangomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
  • Sebenzisa Izincwajana Ezingangomagazini Ezihlukahlukene Enkonzweni Yakho
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1995
  • Indlela Yokusebenzisa Ethi Izindaba Ezinhle Ezivela KuNkulunkulu!
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2013
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
km 7/97 k. 4

Siza Abanye Bathole Induduzo

1 Abantu Abaningi Bakhathele Ukuzwa Ngezinhlekelele, Izimpi, Ubugebengu Nokuhlupheka. Nakuba Induduzo Ingekho Nhlobo Emibikweni Yezindaba Zanamuhla, Iyilokho Kanye Okudingwa Isintu. Ukududuza Kusho “Ukunikeza Amandla Nethemba” Kanye “Nokunciphisa Usizi Noma Ukukhathazeka” Komunye. Njengofakazi Bakajehova, Sikuhlomele Ukusiza Abantu Ngalendlela. (2 Kor. 1:3, 4) Izincwajana Zethu Ezingangomagazini Ezisekelwe Ebhayibhelini Esizobe Sizihambisa Ngo-july Nango-august Zinezigijimi Eziduduzayo Zeqiniso. (Roma 15:4) Nakhu Okunye Ukusikisela Kokuzihambisa Ngaphansi Kwezimo Ezihlukahlukene:

2 Umbiko odabukisayo wezindaba ungaveza ithuba lokunikeza ubufakazi nelokududuza abanye, mhlawumbe ngokusho okuthile okunjengalokhu:

◼ “Lapho kwenzeka izinto ezinjengalezi, abanye bayazibuza ukuthi ukhona ngempela yini uNkulunkulu, futhi uma ekhona, uyasikhathalela yini. Wena ucabangani? [Lindela impendulo.] Enye indlela yokunquma ukuthi ukhona yini uNkulunkulu iwukusebenzisa isimiso esifakazelwe kahle.” Funda eyamaHeberu 3:4. Mbonise ezinye izinto ezisizungezile ngokusobala ezidinga umenzi. Bese uqhubeka: “Nginencwajana engiqinisekayo ukuthi uzoyithola iduduza. Inesihloko esithi Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela? [Funda imibuzo esesembozweni.] Iqukethe ubufakazi obugculisayo bokuthi uNkulunkulu ukhona nokuthi ngokushesha uzoqeda zonke izimo ezingenabulungisa esibhekana nazo namuhla. Ungathanda yini ukuyifunda?” Hlela ukuba ubuyele.

3 Lapho uphindela, ungase uthi:

◼ “Lapho ngikushiyela lencwajana ethi Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?, sasixoxa ngobufakazi bokuthi uNkulunkulu ukhona. Mhlawumbe uye waliqaphela leli phuzu ekhasini 7. [Mbonise umfanekiso bese uchaza kafushane isigaba 15.] Lesi isibonelo nje esisodwa esibonisa ukuthi kumelwe ukuba ukhona uNkulunkulu okhathalelayo. [Funda isigaba 27 ekhasini 9.] Isifundo seBhayibheli somuntu siqu siye sangisiza ukuba ngibhekane nezinkinga zokuphila kwansuku zonke ngenxa yokuthi singenza ngibheke izinto ngombono kaNkulunkulu.” Cela ukumbonisa ukuthi isifundo siqhutshwa kanjani.

4 Ukufakaza ngocingo kungenziwa kusetshenziswa incwajana engangomagazini ethi “Iyini Injongo Yokuphila—Ungayithola Kanjani?” Ungazethula bese uthi:

◼“Ngikushayele ucingo mayelana nesigijimi esibalulekile ngoba anginakukwazi ukuzizela mathupha.” Funda isigaba sokuqala ekhasini 4 lalencwajana, kube njengokungathi uxoxa nomuntu ubuso nobuso. Mbuze ukuthi ucabangani, bese ulindela impendulo. “Lapha ngivule iBhayibheli ku-Isaya 45:18. Leli vesi libonisa ukuthi lomhlaba wadalwa kucatshangwa ngathi. Ngingakufundela lona?” Ngemva kwalokho, chaza injongo yalencwajana, bese umbuza ukuthi ungamlethela kanjani eyakhe.

5 Lapho uphindela, ungase uzame lendlela ukuze uqale isifundo:

◼ “Ngingathanda ukuba ingxoxo yethu yesikhathi esidlule siyiqhubekisele phambili ngokubonisa ukuthi ubani ongasitshela ngenjongo yokuphila. [Chaza izigaba 1 no-2 ezisekhasini 6 lencwajana ethi Injongo Yokuphila.] IsAmbulo 4:11 sichaza ukuthi uJehova uNkulunkulu unguMdali wethu. [Funda.] Kumelwe ukuthi wayenesizathu ngempela sokusidala. Abantu abebefuna ukusazi leso sizathu baye bafunda iZwi likaNkulunkulu elilotshiwe, iBhayibheli. Ngingathanda nawe ukukunikeza lelo thuba.” Chaza indlela isifundo sethu seBhayibheli sasekhaya samahhala esiqhutshwa ngayo, bese wenza amalungiselelo okuqala isifundo.

6 Lendlela eqondile ingase iduduze abaye bashonelwa umuntu abamthandayo:

◼ “Ngenza inkonzo yokusiza umphakathi, ngisiza bonke abaye bashonelwa umuntu abamthandayo. Njengoba lokhu kungase kube enye yezinto ezinzima kakhulu okuyoke kudingeke noma ubani wethu abhekane nayo, kuye kwalungiselelwa lencwajana ethi Lapho Ufelwa Othandekayo. Iye yasiza izigidi zabantu. Ngingathanda ukukubonisa lokho ekushoyo ngesithembiso esijabulisayo esenziwa uJesu Kristu. [Funda isigaba sesihlanu ekhasini 26, kuhlanganise noJohane 5:21, 28, 29.] Uyawubona lomfanekiso osekhasini 29 obonisa indaba elandiswa iVangeli lapho uJesu evusa ngokoqobo uLazaru kwabafileyo. Uma ungathanda ukufunda lencwajana eduduzayo, ngingakujabulela ukukushiyela yona ngomnikelo ka-R1,20.”

7 Lapho uphindela, ungaphinda umbonise umfanekiso osekhasini 29 lencwajana ethi “Lapho Ufelwa Othandekayo” bese uthi:

◼“Ngiyethemba uyayikhumbula ingxoxo yethu yokuvusa kukaKristu uLazaru. [Funda amazwi achaza umfanekiso osekhasini 28, bese nifunda ukwaziswa okungaphansi kwesihlokwana esithi “Kwenzeka Ngempela?”] Uma ulangazelela ukukholelwa ukuthi uyophinde umbone othandekayo oshonile, ngicela ukukusiza ukuze ube nalolo kholo ethembeni lovuko.” Sikisela isifundo seBhayibheli sasekhaya.

8 Kwangathi singenza konke okusemandleni ezinyangeni ezizayo ukuze silingise uJesu ‘ngokududuza bonke abalilayo.’—Isaya 61:2.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela