Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 9/98 k. 4
  • Amaphayona Asiza Abanye

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Amaphayona Asiza Abanye
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukwazisa Amaphayona Esinawo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1990
  • Ukusekela Amaphayona
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
  • Siza Abanye Ukuba Babe Nekhono Ekusebenziseni IZwi LikaNkulunkulu
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1990
  • Izindlela Zokwandisa Inkonzo Yakho
    Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaJehova
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
km 9/98 k. 4

Amaphayona Asiza Abanye

1 UJesu wathi: “Ngempela, ukuvuna kukhulu, kodwa izisebenzi zimbalwa. Ngakho-ke ncengani iNkosi yokuvuna ukuba ithumele izisebenzi ekuvuneni kwayo.” Njengoba abavuni bekhulu lokuqala leminyaka babembalwa ngenani futhi benensimu enkulu okwakumelwe bayihlanganise, uJesu wayengabaqondisa ukuba bafinyelele abantu abaningi ngangokunokwenzeka ngezindaba ezinhle ngokubathuma ngabanye. Kunalokho, ‘wabathuma ngababili.’ (Luka 10:1, 2) Kungani abathuma ngababili?

2 Labo bafundi babebasha futhi bengenakho okuhlangenwe nakho. Ngokusebenza ndawonye babengafunda komunye nomunye futhi bakhuthazane. Kunjengoba nje uSolomoni akubeka, “kungcono ababili kunoyedwa.” (UmSh. 4:9, 10) Ngisho nangemva kokuthululwa komoya ongcwele ngePhentekoste lika-33 C.E., uPawulu, uBarnaba nabanye bahambisana nabakholwa nabo enkonzweni. (IzE. 15:35) Yeka ukuthi kumelwe ukuba kwaba ilungelo kanjani ngabathile ukuba baqeqeshwe yilawo madoda anekhono!

3 Isimiso Esihle Sokuqeqesha: Njengebandla elifana nalelo langekhulu lokuqala, ibandla lamaKristu lanamuhla liyinhlangano eshumayelayo. Futhi liyasiqeqesha. Ngabanye, isifiso sethu esiqotho kufanele sibe ukwethula izindaba ezinhle ngendlela ephumelela ngangokunokwenzeka. Kukhona usizo olunikezwayo ukuze abamemezeli abengeziwe baphumelele ngokwengeziwe.

4 ESikoleni Senkonzo SoMbuso esiqhutshwe muva nje, iNhlangano imemezele isimiso sokuba amaphayona asize abanye enkonzweni yasensimini. Ingabe sikhona isidingo salokhu? Yebo sikhona. Kuye kwabhapathizwa abamemezeli abangaphezu kwesigidi eminyakeni emithathu edlule, futhi abaningi balaba badinga ukuqeqeshwa ukuze baphumelele ngokwengeziwe emsebenzini wokushumayela. Obani abangasetshenziswa ekuhlangabezaneni naleso sidingo?

5 Amaphayona esikhathi esigcwele angasiza. Inhlangano kaJehova iwanikeza iseluleko nokuqeqeshwa okuningi. Amaphayona athola imfundo evumelana nezidingo zawo eSikoleni Senkonzo Samaphayona samasonto amabili. Azuza nangemihlangano aba nayo nababonisi besifunda nabesigodi, kanye nasesiqondisweni asinikezwa abadala. Nakuba kungewona wonke amaphayona anokuhlangenwe nakho okunjengokukaPawulu noBarnaba, aye athola ukuqeqeshwa okuwusizo, akujabulelayo ukukuhlanganyela nabanye.

6 Obani Abayozuza? Ingabe lolu hlelo olwabamemezeli abasha noma abasanda kubhapathizwa kuphela? Akunjalo neze! Kunabancane nabadala asebeneminyaka belazi iqiniso kodwa abangakwazisa ukusizwa ezicini ezithile zenkonzo. Abanye benza umsebenzi omuhle kakhulu ekuhambiseni izincwadi kodwa banenkinga yokwenza izimpindelo noma ukuqala izifundo zeBhayibheli. Abanye bangase baziqale kalula izifundo zeBhayibheli kodwa baphawule ukuthi labo abafunda nabo abathuthuki. Yini ebavimbayo? Amaphayona anokuhlangenwe nakho angase acelwe ukuba asize kulezo zici. Amanye amaphayona ayaphumelela ekuhlakuleleni isithakazelo, ekuqaleni izifundo zeBhayibheli nasekuqondiseni abafundi abasha enhlanganweni. Okuhlangenwe nakho kwabo kuyoba usizo kulesi simiso esisha.

7 Ingabe uthola ukuthi isimiso sakho asikuvumeli ukuba usekele imihlangano evamile yenkonzo yasensimini yebandla ngendlela obungathanda ngayo? Iphayona lingase likwazi ukusebenza nawe ngezikhathi lapho abanye abamemezeli bengatholakali.

8 Kudingeka Ukubambisana Okuhle: Kabili ngonyaka, abadala bayokwenza amalungiselelo okuba abamemezeli abathanda ukusizwa bahlanganyele esimisweni esithi Amaphayona Asiza Abanye. Uma uvuma ukwamukela usizo olunjalo, hlangana nommemezeli oyiphayona owabelwe ukukusiza, nenze isimiso senkonzo esisebenzisekayo, bese ninamathela kuso. Yiba khona ngazo zonke izikhathi enizimisile. Njengoba nisebenza ndawonye, phawula izindlela eziphumelelayo zokwethula izindaba ezinhle. Hlaziya ukuthi kungani izingeniso ezithile ziphumelela. Cabangela ukusikisela okunikwa ummemezeli oyiphayona kokuthuthukisa intshumayelo yakho. Njengoba usebenzisa izinto ozifundile, intuthuko yakho enkonzweni iyobonakala, kokubili kuwe nakwabanye. (Bheka eyoku-1 Thimothewu 4:15.) Sebenzani ndawonye kaningi ngangokunokwenzeka, nihlanganyela kuzo zonke izici zenkonzo, kuhlanganise nokushumayela ngokwethukela kodwa nigxile kunoma isiphi isici odinga kuso usizo.

9 Umbonisi wenkonzo unesithakazelo entuthukweni ozoyenza. Njalo ngezikhathi ezithile, uzothintana nomqhubi weSifundo Sencwadi Sebandla ukuze athole ukuthi uzuza kangakanani esimisweni. Umbonisi wesifunda naye uyokusiza lapho ehambele ibandla.

10 UJehova ufuna abantu bakhe baqeqeshwe futhi ‘bayihlomele ngokuphelele yonke imisebenzi emihle.’ (2 Thim. 3:17) Bheka ilungiselelo lesimiso esithi Amaphayona Asiza Abanye njengelungiselelo elihle lokusiza labo abafisa ukuthuthukisa ikhono labo lokushumayela izwi. Uma unelungelo lokuhlanganyela kulo, yenza kanjalo ngokwazisa, ngokuzithoba nangenjabulo.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela