Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 9/99 k. 1
  • Ingabe Usebenza Unenjongo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Usebenza Unenjongo?
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1999
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Uyifeza Ngokugcwele Inkonzo Yakho?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2019 (Efundwayo)
  • Yamukela Umthwalo Wemfanelo Wezimpindelo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
  • Yandisa Ingcebo Yakho Yenkonzo YoMbuso
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1994
  • Ukwenza Izimpindelo Kuholela Ezifundweni ZeBhayibheli
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1999
km 9/99 k. 1

Ingabe Usebenza Unenjongo?

1 UJehova unguNkulunkulu wenjongo. (Isaya 55:10, 11) Selulekwa ukuba simlingise. (Efe. 5:1) Lokhu kufanele kubonakale endleleni esenza ngayo inkonzo yethu. Ngakho lo mbuzo uyafaneleka: “Ingabe usebenza unenjongo?”

2 Ukushumayela kwakho endlini ngendlu, ukufakaza ngokwethukela nokuhambisa izincwadi, konke kuyingxenye yenkonzo enenjongo. Kodwa khumbula ukuthi umsebenzi wethu awuhileli nje ukushumayela kuphela kodwa futhi nokwenza abafundi. (Math. 28:19, 20) Ngemva kokuhlwanyela imbewu yeqiniso loMbuso, kufanele siphindele siyoyinisela futhi siyinakekele njalo kuyilapho sibheke kuJehova ukuba ayikhulise. (1 Kor. 3:6) Kufanele sibe qotho ekwenzeni izimpindelo nasekuqaleni izifundo zeBhayibheli.

3 Yandisa Inkonzo Yakho: Njalo uzizwa ujabula lapho ubheka emuva kulokho okwenzile enkonzweni bese uthi: “Ngiye ngakufeza ebengizimisele ukukwenza.” Njengoba kulotshwe kweyesi-2 Thimothewu 4:5, uPawulu weluleka: “Uyifeze ngokugcwele inkonzo yakho.” Lokho kuhlanganisa imizamo oyenzayo yokulandelela bonke abantu abathakazelayo obatholile. Esimisweni sakho senkonzo samasonto onke, hlela isikhathi esiqondile sokwenza izimpindelo. Sebenzela ukufinyelela umgomo wokuqala izifundo zeBhayibheli nalabo abathambekele ekulungeni. Lokhu kufanele kube yinjongo yakho lapho uhlanganyela enkonzweni.

4 Buza abamemezeli ukuthi bázizwa kanjani lapho bebona abantu ababefunda nabo iBhayibheli bebhapathizwa emhlanganweni. Bajabula cishe ngendlela efanayo neyalabo ababebhapathizwa. Babefinyelele umgomo omkhulu! Omunye umenzi wabafundi wakubeka ngale ndlela: “Ukwenza abafundi kusho ukwenza abadumisi bakaJehova abengeziwe. Kusho ukuphila kulabo abamukela iqiniso. Ngiyakuthanda ngempela ukufundisa abanye iqiniso—kuhle ngempela! . . . Abaningi balabo abaye bamthanda uJehova sebengabangane bami abakhulu.”

5 Cabanga nje ukuthi kunjani ukukwazi ukusiza umuntu abe inceku kaJehova ezinikezele! Yeka injabulo okuyiyo! Izithelo ezinjalo zibangelwa ukusebenza enkonzweni unenjongo.—Kol. 4:17.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela