Ubani Ongase Asivume Isifundo SeBhayibheli?
1 Umprofethi u-Amose wamemezela ukuthi kwakuzoba nendlala ezweni lakwa-Israyeli, “kungabi yindlala yesinkwa, kungabi ngukomela amanzi kepha kube ngeyokuzwa amazwi kaJehova.” (Amose 8:11) Ukuze kuzuze labo abalambayo futhi bome ngokomoya, inhlangano kaJehova isakaza izincwadi zeBhayibheli eziningi emhlabeni wonke.
2 Kuze kube manje, siye sanyathelisa amakhophi ayizigidi ezingu-70 encwadi Ulwazi kanye nezincwajana ezingangomagazini eziyizigidi ezingu-91 zethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? Lapho sifundisa iqiniso, siyabazisa ubulula nendlela lezi zincwadi ezithinta ngayo inhliziyo. Nokho, izixuku zabantu eziye zathola izincwadi zethu azikalifundi nathi iBhayibheli. Yini esingayenza ngalokhu?
3 Incwadi Ngayinye Oyihambisayo Ingazala Isifundo! Cabanga ngokuhlangenwe nakho kommemezeli owasikisela isifundo kowesifazane ayeqala ngqá ukuxoxa naye emzini wakhe. Lona wesifazane wavele wavuma. Kamuva wamtshela, “Ungumuntu wokuqala ukusikisela ukufunda nami iBhayibheli.” Ensimini yenu, bangaki abantu asebenazo kakade izincwadi zethu abangase basho into efanayo? Incwadi ngayinye ehanjiswayo inikeza ithuba lezimpindelo nesifundo seBhayibheli sasekhaya.
4 Njengoba sivame ukuhlangana nabantu asebenazo izincwadi zethu, singabenza kanjani ukuba babe nesithakazelo sokufunda lokho izincwadi zethu ezikuqukethe? Omunye uFakazi wavele wabuza umninikhaya ukuthi ikhona yini imibuzo yeBhayibheli ayenayo, wavele nje wathi, “Cha.” Udade waphikelela, “Ngicabanga ukuthi unayo.” Wayenayo, futhi isifundo saqala. Kungani ungabuzi umninikhaya ukuthi akanakuthanda yini ukuzwa umbono weBhayibheli ngombuzo noma indaba ethile emkhathazayo? Kulungele ukubuza umbuzo othakazelisayo uma ungekho awucabangayo. Izingxoxo ezinjalo zingavula indlela yesifundo sasikhathi sonke samaqiniso eBhayibheli ayisisekelo.
5 Umsebenzi wezifundo zeBhayibheli uwumgogodla wenkonzo yethu. Njengoba singazi ukuthi ubani ongasivuma isifundo, unganqikazi ukusisikisela kunoma ubani ohlangana naye. Yazisa uJehova lokhu ngomthandazo, bese wenza ngokuvumelana nemithandazo yakho. Ungathola ukuthi umuntu oyosikisela ukumqhubeka isifundo uyovuma!—1 Joh. 5:14, 15.