Ingabe Kumelwe Ushayise?
Lapho besenkonzweni yasensimini, abanye abamemezeli bavame ukushayisa ngesikhathi esithile, mhlawumbe emini. Yiqiniso, izimo zingase zibaphoqe abanye ukuba bashayise ngesikhathi esithile ensimini. Kodwa ingabe uvele ushayise ensimini ngenxa nje yokuthi abanye eqenjini sebeyahamba noma ngenxa yokuthi kuwumkhuba ensimini yenu ukuma ngesikhathi esithile? Ungasichitha yini isikhathi esengeziwe ensimini ngokwenezela imizuzu embalwa futhi uhlanganyele kwezinye izindlela zokushumayela obala, njengokufakaza emgwaqweni? Ungayenza impindelo eyodwa noma ezimbili njengoba usubuyela ekhaya? Cabanga nje ukuthi kuyoba yinto enhle kanjani ukuphinde uthole umuntu oyedwa owayebonise isithakazelo ekhona ekhaya noma ukuhambisa abanye omagazini ababili nje kumuntu odlulayo! Uma singekho isidingo sokushayisa, ukuqhubeka imizuzu embalwa kuyindlela elula yokwandisa ‘umhlatshelo wethu wokudumisa.’—Heb. 13:15.