Obani Abenza Intando KaJehova Namuhla?
1. Sizoqala nini ukufunda incwajana ethi Obani Abenza Intando KaJehova Namuhla? futhi kuyosisiza kanjani ukuyifunda?
1 Kusukela ngesonto lika-October 28, sizofunda incwajana ethi Obani Abenza Intando KaJehova Namuhla? eSifundweni SeBhayibheli Sebandla. Le ncwajana entsha, eyakhululwa eMhlanganweni Wesigodi othi “Qapha Inhliziyo Yakho!”, iklanyelwe ukuqondisa abafundi beBhayibheli enhlanganweni. Ukufunda le ncwajana ngeke nje kukhulise ukwazisa kwethu ngokuba senhlanganweni kaJehova kodwa futhi kuyosisiza silijwayele leli thuluzi eliwusizo ensimini.—IHu. 48:13.
2. Izofundwa kanjani le ncwajana ebandleni?
2 Indlela Ezofundwa Ngayo: Umqhubi kuyodingeka asihlukanise kahle isikhathi ukuze isifundo ngasinye sithole isikhathi esanele. Uyokwethula ngasinye salezi zifundo ezingu-28 ngokufunda umbuzo oyisihloko. Uyobe esecela umfundi wezigaba ukuba afunde isigaba esiyisethulo. Umqhubi uyobuza izilaleli umbuzo wesethulo awulungiselele kusengaphambili. Ngemva kwalokho, kufanele kufundwe futhi kuxoxwe ngengxenye ngayinye eqala ngamagama agqamile. Uma isifundiwe leyo ngxenye, umqhubi uyocela izilaleli zisho ukuthi iwuphendula kanjani umbuzo oyisihloko saleso sifundo. Le ncwajana inanezithombe eziningi ezingase zikhulunyelwe. ImiBhalo eyisihluthulelo kufanele ifundwe uma isikhathi sivuma. Ngaphambi kokudlulela esifundweni esilandelayo, umqhubi uyobukeza isifundo ngokubuza imibuzo esekugcineni kwekhasi. Uma kunebhokisi elithi “Thola Okwengeziwe,” uyothi malifundwe bese ecela izilaleli zichaze ukuthi umuntu ofundelwayo uyozuza kanjani ngokulandela lokho okusikiselwe. Ekuphetheni kwesifundo, uma isikhathi sivuma, umqhubi angase asebenzise izihloko zezifundo zibe imibuzo yokubukeza. Khumbula ukuthi lokhu akusho ukuthi le ndlela iyona eyosetshenziswa lapho siqhuba isifundo seBhayibheli sasekhaya.
3. Singazuza kanjani ngokugcwele ngokufunda le ncwajana?
3 Ukuze uzuze ngokugcwele, yilungiselele kahle imihlangano. Zama ukuphendula esifundweni. Njengoba kuqhutshekwa nengxoxo, cabangela ukuthi kungani le ncwajana iyobazuzisa abafundelwayo. Kwangathi ukufunda kwethu le ncwajana entsha kungasihlomisela ukuba sisize abanye bahlanganyele nathi ekwenzeni intando kaNkulunkulu ukuze nabo babe nethemba lokuphila phakade.—1 Joh. 2:17.