Zuza Ngokugcwele Emhlanganweni Wesigodi “Wokufundisa Kwaphezulu” Ka-1993
1 “Ngifundise, Jehova.” (IHu. 86:11) Lokhu kufanele kube ukunxusa okuqotho kwazo zonke izinceku zikaNkulunkulu ezizinikezele. Sizimisele ukuba singalokothi siyeke ukufunda futhi singalokothi siyeke ukusebenzisa lokho esikufundayo. Ngezinye izikhathi sidinga ukulungiswa, futhi njengoba kwenza umhubi, kudingeka sicele uNkulunkulu ukuba enze izinhliziyo zethu zibe nobunye zingabi mbaxambili. Isimiso eMhlanganweni Wesigodi “Wokufundisa Kwaphezulu” siyosinikeza imfundo ezuzisayo kanye nokulungiswa esikudingayo ukuze sikhonze uJehova ngokwethembeka ezimweni ezicindezelayo zalesimiso sezinto.
2 UMhlangano Wezinsuku Ezine: Isimiso siyonikezwa ezindaweni ezifanelekile ezingu-19 eNingizimu Afrika nasemazweni angomakhelwane. Nakuba singesiNgisi, sonke isimiso siyonikezwa nangesiBhunu, isiPutukezi, iSipedi, isiSuthu, isiTsonga, isiTswana, isiXhosa, kanye nesiZulu, kanti ezinye izingxenye zesimiso ziyonikezwa ngesiGreki nangesiVenda. Ezindaweni ezintathu kuyokuba khona ukuhunyushelwa kwabakhuluma ngezandla, lezozindawo iKapa, iTheku, neGoli. Isimiso siyoqala ngoLwesine ngo-1:20 p.m. futhi siyophetha ngeSonto ntambama cishe ngo-4:15 p.m. Emhlanganweni ngamunye amasango ayovulwa ngo–7:30 njalo ekuseni. Sizani niphawule ukuthi akekho oyovunyelwa ukuba angene ngaphambi kuka–7:30 a.m. ngaphandle kokuba abelwe ukuba asebenze ngaphambi kwalesosikhathi.
3 Yini esiyigcinelwe? Inala yokudla okunomsoco okungokomoya okunikezwa ngezindlela ezihlukahlukene: izinkulumo, imiboniso, izingxoxo, namadrama amabili. Ungaphuthelwa yinoma ikuphi kwalokhu kufundiswa okubalulekile! Ngaphezu kwalokho, sibheke phambili ekuvuseleleni ubungane obudala nasekwakheni obusha. Izithunywa zevangeli ezikhonza ngaphansi kwegatsha laseNingizimu Afrika kungenzeka zibe khona emhlanganweni wenu. Lisebenzise ngokunenzuzo ithuba lokubazi labazalwane nodade abathembekile. Uma ungumzali, hilela izingane zakho ezingxoxweni. Umoya wenjabulo nowokuzidela walezithunywa zevangeli ungase ubeke isisekelo sokuba izingane zakho ezisencane zicabangele inkonzo yesikhathi esigcwele.
4 Ingabe Uyokuletha Konke Okweshumi Enqolobaneni? KuMalaki 3:10, uJehova wathembisa ama-Israyeli ukuthi uma efuna ukumvivinya futhi alethe konke okweshumi enqolobaneni, wayeyowathululela isibusiso kuze kube ngaphezu kokwaneleyo.
5 Kwabanye, ukuvivinya uJehova kuyosho ukuxoxa nomqashi wabo ngokushesha ngangokunokwenzeka ukuze bacele iholide noma isikhathi sokungabibikho emsebenzini ukuze baye emhlanganweni. Ngezinye izikhathi abazalwane baye baba madolonzima ukukwenza lokhu, becabanga ukuthi umqashi wabo ngeke abanikeze imvume yokuya emhlanganweni. Nokho, ezindabeni ezingahileli izinto ezingokomoya, kungenzeka babe nobunzima obuncane noma bangabi nabo nhlobo ubunzima bokwazisa umqashi wabo ngalokho abafuna ukukwenza.
6 Kufanele sizibuze: Ukube umngane othandekayo ubezoshadela kwenye indawo, besingeke yini siye kumqashi wethu sicele isikhathi sokungabibikho emsebenzini ukuze siye emshadweni? Futhi uma ebonakala engathandisisi, besingeke yini sichaze ngenhlonipho ukuthi kubaluleke kangakanani ngathi ukuba siphumelele ukuya? Ngokuqinisekile kubaluleke kakhulu ukufundiswa uJehova kunokuya emshadweni! Uma siqiniseka ngempela ukuthi isimiso somhlangano sibalulekile ekukhuleni kwethu ngokomoya, kuyoba lula ngokwengeziwe ukubonisana nomqashi wethu ukuze asinikeze isikhathi sokuya emhlanganweni.—Jakobe 1:7, 8.
7 Kwa-Israyeli okweshumi kwakuhlanganisa nokuyisekela ngokwezinto ezibonakalayo indawo yokukhulekela uJehova. Osukwini lwethu okweshumi kumelela isikhathi, amandla, kanye nezimali okusetshenziswa ngokuqondile enkonzweni kaJehova nasekusekeleni umsebenzi woMbuso. Okweshumi kuhlanganisa isikhathi esisisebenzisela imihlangano yebandla, yesifunda, neyesigodi, kanye nokulondoloza futhi sihlanze izindawo zethu zokuhlangana. UMhlangano Wesigodi “Wokufundisa Kwaphezulu” uyosinikeza amathuba amaningi okuletha konke okweshumi enqolobaneni kaJehova engokomoya. Yiziphi ezinye zalezizinto?
8 Singaletha okweshumi ngokulalelisisa isimiso somhlangano, ngokuhlanganyela ngentshiseko ekuhlabeleleni ingoma ngayinye yoMbuso, nangokulalela ngokucophelela umthandazo ngamunye, ukuze sisho u-amen wethu osuka enhliziyweni.
9 Intuthuko yethu eqinisweni ixhomeke ngezinga elikhulu endleleni esilalela ngayo. Enkundleni enkulu, kulula ukuphazanyiswa yilokho abanye abakwenzayo eduze kwethu, futhi ngenxa yalesosizathu kufanele sigcine izingqondo zethu zigxilile. Qikelela ukuba uze emhlanganweni ulungiselele ngokuphelele, uphethe iBhayibheli lakho, iculo, ipeni nephepha esizobhalela kulo amaphuzu, kanye ne-Nqabayokulinda eyofundwa ngalelosonto. Kuyasiza ukubhala amaphuzu nemibhalo okusetshenziswa isikhulumi ngasinye. Fushanisa amaphuzu; ukubhala amaphuzu amaningi kakhulu kungaphazamisa ukugxila kwengqondo. Intsha nayo kufanele iqeqeshwe ukuba ibe izilaleli ezilalelisisayo. Izingane zingakuletha okweshumi kanye nabazali bazo ngokulandela isimiso ngokuseduze ngangokunokwenzeka.
10 Abanye abazali bahlela ukuba usuku ngalunye kube khona isikhathi esithulile lapho izingane zabo zilindeleke ukuba zifunde noma zibheke izithombe kwenye yezincwadi zeNhlangano. Lokhu kuqeqesha okuhle kwenza kube lula kakhulu ngezingane ukuba zihlale zithule phakathi nemihlangano yebandla neyesigodi. Abazali abaye bakhulisa izingane eziyisibonelo bathi abalokothi bavumele izingane zabo ukuba ziye namathoyizi noma izincwadi ezinemifanekiso emihlanganweni. Ngisho nezingane ezincane kakhulu zingafunda ukuthi isizathu sokuya emihlanganweni yebandla siwukukhulekela uJehova. Kufanele batuswe ngempela abazali abafundisa izingane zabo ukuthi kusho ukuthini ngazo ukuletha konke okweshumi enqolobaneni!
11 Singaletha futhi okweshumi ngokunikela ngokuzithandela ngesikhathi kanye namandla ethu ukuze sisize ekuhlelekeni komhlangano. Ezindaweni eziningi ukuhlanza indawo yomhlangano kuyaye kwenziwe kusasele usuku noma ezimbili ngaphambi kokuba kuqalise umhlangano. Uma nihlala eduze, kungani ningahleli ukuba wonke umkhaya uhlanganyele? Abanye abazalwane baye beza nabantu abafunda nabo iBhayibheli abathuthukayo ukuze ngisho nangaphambi kokuba babhapathizwe bafunde ukuthi yini ehilelekile ekusekeleni ukukhulekelwa kukaJehova. Kunokuningi okungenziwa ukuze kuqikelelwe ukuba umhlangano uqhubeke kahle. Kungani ningabi izisebenzi zokuzithandela njengomkhaya?
12 Ukusekela ngokwezimali umhlangano kungenye indlela esingaletha ngayo okweshumi. Echaza indlela izipho zezinto ezibonakalayo okwakufanele zenziwe ngayo ukuze kusekelwe ukukhulekela okuhlanzekile, uJehova weluleka isizwe sakwa-Israyeli: “Bangabonakali phambi kukaJehova bengenalutho; yilowo nalowo uyakunika njengamandla akhe, ngokwesibusiso uJehova uNkulunkulu wakho akuniké sona.” (Dut. 16:16, 17) Kungakhathaliseki ukuthi abantu babekwazi ukunikela okuningi noma okuncane, umnikelo wabo, olungiselelwe kusengaphambili, wawumjabulisa uJehova. Ngokufanayo, abazalwane abaningi bawucabangela ngomthandazo umnikelo abawenzayo, kungakhathaliseki ukuthi imali ewukheshe noma isheke (elithunyelwa kuyi-“Watch Tower Convention”). Ingabe uke uzenze izingane zakho ezincane ukuba zifake umnikelo ebhokisini?
13 Hlobisa Isifundiso SikaNkulunkulu, UMsindisi Wethu: Ngemikhuba yethu emihle kanye nokuziphatha kwethu okuhle, ‘singasihlobisa isifundiso sikaNkulunkulu uMsindisi wethu ezintweni zonke.’ (Thithu 2:10) Ngamanye amazwi, khona kanye emhlanganweni, singabonisa ukuthi ukufundisa kwaphezulu siyakusebenzisa ekuphileni kwethu.
14 Kuthiwani ngemikhuba yethu? Ukucabangela abanye kuyivela kancane namuhla ezweni. Kodwa abantu bakaJehova, abaqondiswa izimiso ezingokomBhalo, abacabangi ngokuzizuzisa bona, kodwa ngokuzuzisa abantu abakanye nabo. (Fil. 2:4) Siyabacabangela abanye abantu abasizungezile. Asisunduzi noma sichilize abanye lapho sisemgqeni wokuyothenga ukudla noma izincwadi. Siyabacabangela asebegugile kanye nezingane ezincane okungenzeka zime emgqeni nabazali bazo futhi abantu abadala abangazichiliza kalula lapho bengazinakile. Ezindaweni zokuthenga ukudla siba nomusa kanye nenhlonipho ezisebenzini, asideleli noma sifune izinto ngenkani uma zingasiphathi ngendlela esiyilindele.
15 Ukuziphatha kwethu kokwesaba uNkulunkulu kunethonya ngempela kulabo abasizungezile. Kwelinye idolobha okwakunomhlangano wesigodi kulo ngonyaka odlule, iphoyisa elithile elase lineminyaka engu-21 lisebuthweni lezempi lasho lokhu: “Kungihlabe umxhwele ukuqeqesheka kwabantu benu. [Bavelele]; bavele bacoshe udoti kungekho muntu obatshelé ukuba bakwenze futhi bahlelekile. Umhlangano wenu uhleleke kahle.” Lanezela: “Uma abantu benu besibona, bayamamatheka. Uphawu oluhle lolo. Sifuna lokho. Lokho kuwuphawu lobungane futhi akukho lutho olufihlwayo. Futhi siqaphele nendlela izingane eziziphatha ngayo kubazali bazo futhi ziqeqeshekile. Ngikholelwe, ngihlabeke umxhwele. Kuyajabulisa ukwabelwa ukuba uzosebenza lapha.”
16 Ezinye izikhulu zathatha uhambo olukhethekile lokuya eBethel yaseBrooklyn ukuze ziyodlulisela isimemo sokuba umhlangano wesigodi uqhutshelwe edolobheni lazo. INhlangano yasamukela lesimemo somusa, futhi abaphathi bedolobha abazange badumale. Isekela lomphathi wedolobha lathi: “Sijabula kakhulu ngokuba iqembu elihlonipheke njengelenu libuthane edolobheni lethu. Senze umzamo omkhulu wokunenza nize lapha . . . futhi sijabule ngempela.” Ngokuziphatha kwabo okuhle, bonke abazalwane nodade banikela ebufakazini obuhle obanikezwa lapho.
17 Ingabe wena ngokwakho uyosihlobisa isifundiso sikaNkulunkulu, uMsindisi wethu, ngokuziphatha kwakho okuyisibonelo? Nazi izindlela eziningana okungenziwa ngazo lokhu:
Ukugqoka Nokuzilungisa: Phakathi nesikhathi sokuya emhlanganweni wesigodi, akufanele sicabange ukuthi siseholidini. Kunalokho, siziletha kuJehova ukuba asifundise. Njengoba kunjalo, ingabe akufanele sigqoke ngendlela ebesingenza ngayo lapho siya emihlanganweni eHholo LoMbuso? (1 Thim. 2:9, 10) Ngaphezu kwalokho, kufanele sikucabangisise kahle lokho esizokugqoka ngemva kokuphela kwezingxenye zesimiso somhlangano. Lapho siphindela ezindaweni esilala kuzo, kungakhathaliseki ukuthi sibadala kangakanani, ingabe bekungakuhle yini ngathi ukuba sishintshe izingubo ezinesizotha, ezihloniphekayo ebesizigqoke emhlanganweni bese sigqoka izingubo zokunganaki nezibonisa ubudlabha ezigqokwa abantu bezwe? Ingabe lokho bekungeke kunikeze umqondo wokuthi izingubo zethu zokuya emihlanganweni yebandla zimane nje ziyizingubo kunokuba zibe ukubonakalisa indlela yethu yokuphila? Khumbula, siphethe igama likaJehova, futhi ngamunye wethu kufanele aqikelele ukuthi akenzi indlela yeqiniso isolwe ngokufanele.
Labo abacabangela ukubhapathizwa kufanele bakhunjuzwe ukuthi akufanele ukuba ngesenzakalo esingcwele kangaka bagqoke izikibha ezineziqubulo zezwe, izisho noma izikhangiso zezentengiselwano. Abadala kufanele baqikelele ukuthi imibuzo yobhapathizo ibukezwa kahle kusengaphambili nokuthi umuntu ngamunye ocabangela ukubhapathizwa utshelwa kusasele isikhathi esanele ukuthi uyavunyelwa yini ukuba abhapathizwe noma qha. (Lapho nibukeza imibuzo, kungase kube isikhathi esifanelekile ukunikeza ukusikisela okuphathelene nokugqoka okufanele, okunesizotha.) Ngeke kudingeke ukuba babhalise emhlanganweni labo abazobhapathizwa abaye bavunyelwa abadala.
Amahhotela: Bonisa izithelo zomoya lapho ufika ehhotela ozolala kulo. Kungenzeka izisebenzi zasehhotela zingakwazi ukusingatha iqembu elikhulu ngesikhathi esifushane. Yiba nesineke, ube nesihe, futhi ubonge ngendlela efanelekile.
Izingane zingenza ingxenye yazo ngokubonisa inhlonipho ngempahla yasehhotela nangokulalela imithetho ebusa ukusetshenziswa kwendawo yokubhukuda kanye nezinye izinto. Kungaba usizo ngabazali ukuba ngaphambi komhlangano babe nesikhathi esithile bebukeza nezingane zabo indlela ezilindeleke ukuba ziziphathe ngayo, bazikhumbuze ngomthwalo wemfanelo ezinawo wokuvumelanisa ukuphila kwazo nezindinganiso zobuKristu zokuziphatha.
Imishini yokuqopha: Nakuba amakhamera e-video kanye neziqopha-mazwi kuvunyelwe, siyazi ukuthi niyobacabangela abanye. Ngeke kube ukubonisa uthando ukusitha izilaleli lapho uqopha isimiso. Uma ungase ukwazi ukuqopha ngokuhlakanipha uhleli esihlalweni sakho, akekho oyokwenqaba ukwenza kwakho kanjalo. Nokho, siza ukhumbule ukuthi awekho amakhamera noma imishini yokuqopha okufanele kuxhunywe ezimisweni zikagesi noma ze-sound emhlanganweni, futhi azikho izinto okufanele zibekwe phakathi nezihlalo noma ezindaweni zokuhamba.
Izindawo zokuhlala: Siza ukhumbule ukuthi IZIHLALO ZINGAGCINELWA KUPHELA AMALUNGU OMKHAYA WAKHO ASEDUZE KANYE NANOMA UBANI OKUNGENZEKA UHAMBA NANI EMOTWENI YENU. Izingxenye ezikhethekile zasebegugile nabakhubazekile ziyotholakala kuyo yonke imihlangano. Sizani nicabangele asebegugile. Ezikhathini ezidlule, abanye abazalwane asebekhulile kuye kwadingeka ukuba bafune izihlalo ezindaweni okunzima ukuba bafinyelele kuzo ngenxa yokuthi intsha ithathe zonke izihlalo engxenyeni yasebegugile. Siyadabuka ukuthi asinakukwazi ukusingatha izicelo zezindawo noma amakamelo aseceleni alabo abanezinkinga zokungenwa yizifo ngokushesha ngenxa yokungezwani nezinto ezithile.
Izinto zomuntu siqu: Kusikiselwa ukuba uzigcine zilinganiselwe noma yiziphi izinto zomuntu siqu oza nazo emhlanganweni. Uma into ingalingani ngaphansi kwesihlalo sakho, kungaba ngcono ukuyishiya ekhaya noma ebhuthini yemoto. Iziqandisi ezinkulu azivunyelwe phakathi kwezihlalo ngenxa yezizathu zokuphepha, futhi uma zibekwa esihlalweni esiseceleni kwakho, omunye angase angasitholi isihlalo.
Inkonzo yezokudla: Ukudla kuyolungiselelwa kuyo yonke imihlangano. Sithanda ukukhuthaza bonke abayoba khona ukuba basebenzise amalungiselelo enkonzo yokudla.
Kuyo yonke imihlangano kwenziwa amalungiselelo okuqikelela ukuba kube nokudla okwanele kwazo zonke izihambeli. Lapho inani elikhulu lezihambeli lilaliswa ezikoleni, iKomiti Yomhlangano iyonakekela indaba yokulungiselela ukudla okulula kwakusihlwa nokudla kwasekuseni. Lokhu kuyonciphisa isidingo sokuba izihambeli zize nezitofu zegesi nezikaphalafini. Sithanda nokuphawula ukuthi zingase zidale ingozi yomlilo ezakhiweni izihambeli ezamukelwe kuzo. Sinikhuthaza nonke ukuba nisekele amalungiselelo enkonzo yokudla ngenhliziyo yonke. Sithanda nokunezela ukuthi ngenxa yezindleko ezikhuphukayo zezindawo okuqhutshelwa kuzo imihlangano, sekuye kwaba nzima ngeMinyango Yenkonzo Yezokudla ukuhlangabezana nazo zonke izindleko zezindawo zomhlangano. Ngakho ngenxa yalokhu, ungase uthande ukuthumela umnikelo ngaphambi kwesikhathi edolobheni lomhlangano lapho ibandla lakini liyoba khona. Yaziswa kakhulu yonke iminikelo futhi neNhlangano ifisa ukunibonga kusengaphambili ngokusekela kwenu izithakazelo zoMbuso ngokuphana nangokubambisana ngalendlela.—Luka 6:38.
18 Ngenxa yokucabangela abanye okushukunyiswa uthando, hlela ukuba usheshe ufike usuku ngalunye, ikakhulukazi ngoLwesine lapho kuyothatha khona isikhathi eside kunangezinye izinsuku ukuthola indawo yokupaka neyokuhlala.
19 Yeka indlela esinelungelo ngayo ukufundiswa uJehova! Ukusebenzisa kwethu isikhathi sethu, amandla, kanye nengcebo yezinto ezibonakalayo ukuze sisekele uMhlangano Wesigodi “Wokufundiswa Kwaphezulu” kuyophumela ezinzuzweni ezingokomoya ezihlala njalo kokubili kithi nasemikhayeni yethu.
Esikukhunjuzwa NgoMhlangano Wesigodi
Ukuziphatha Ngesizotha: Kubalulekile ukuba bonke abeze emhlanganweni baziphathe ngesizotha, ngenhlonipho bebheka indawo yokuhlangana ‘njengendlu kaNkulunkulu.’ (IHu. 55:14) Phakathi nezinkulumo, amadrama, izingoma, futhi ikakhulukazi imithandazo, siza ugweme ukwenza noma yini engaphazamisa izingqondo zabanye abalalele isimiso. Ngeke kube ukubonisa inhlonipho ukuzula ngokungadingekile, ukuxoxa, noma ukusebenzisa amakhamera anama-flash noma imishini ye-video ngendlela ephazamisa labo abazama ukugxilisa ingqondo kulokho okushiwoyo. Ukucabangela kwethu kanye nokuziphatha kwethu okuhle kuyobonisa ukuthi sikwazisa ngobuqotho ukufundisa kwaphezulu nokuthi sizé emhlanganweni ukuze sifundiswe uJehova.
Izindawo Zokulala: Ukubambisana kwenu ekusebenziseni izindawo zokulala ezilungiselelwe abaqondisi bomhlangano kwaziswa kakhulu. Uma uhlela ukulala edolobheni elizobe linomhlangano kodwa ungakakuqinisekisi ukuba ulungiselwe indawo yokulala, siza ukwenze lokho masinyane.
Onobhala bamabandla kufanele baqikelele ukuthi amafomu eSicelo Sendawo Yokulala athunyelwa ngokushesha ekhelini lomhlangano elifanele. Uma ungasayidingi indawo yokulala elungiselelwe ngoMnyango Wezindawo Zokulala, kufanele ngokushesha wazise umphathi wendawo noma wehhotela kanye noMnyango Wezindawo Zokulala womhlangano ukuze leyondawo yabelwe abanye. Kweminye imihlangano kuya kuba nzima ngokwengeziwe ukutholela izihambeli eziningi indawo yokulala. Ukuze anqobe lobunzima amakomiti omhlangano ayohlela ukuqasha izikole zendawo njengoba kuye kwenziwa esikhathini esidlule. Nokho, ngenxa yokwanda kwamanani alabo abadinga loluhlobo lwezindawo zokulala, manje siyosebenzisa lokho esikubiza ngokuthi “isimiso samakamelo okulalisa abantu abaningi.” Ngamanye amazwi, odade bayohlaliswa emakilasini athile nabazalwane kwamanye. Ngakho, ngeke kusavunyelwa ukuba imikhaya ilale ndawonye ekilasini elilodwa. (Bhekani i-Phaphama! ka-December 22, 1991, ikhasi 17.) Lokhu kungase kulethe ubunzima ngezinye izikhathi kodwa siyaqiniseka ukuthi bonke bayosiqonda isizathu salokhu. Lelilungiselelo seliye laqaliswa kakade emihlanganweni ethile futhi laba nempumelelo enkulu.
Izinqola Zabantwana (Ama-Pram): UMnyango Wezomlilo utusa ukuba singezi nazo ehholo bese sizimisa emaphasishini naphakathi kwezihlalo. Njengoba izixuku ezinkulu zingase zibangele ukuminyana, izinqola zabantwana zingaba yingozi hhayi kumntwana kuphela kodwa nakunoma ubani ezingase zimkhube. Ngakho sizani ningezi nazo ehholo. Nokho, izihlalo zabantwana noma zasemotweni zivunyelwe, njengoba lezi zingabekwa ngokulondeka ezihlalweni eziseduze kwabazali. Ukubambisana kwenu kulendaba kuyokwaziswa. Noma kuphi lapho kungenzeka khona iKomiti Yomhlangano iyozama ukulungiselela ikamelo lapho omama bengakwazi ukunakekela abantwana babo khona, uma kuphakama isidingo.
Ubhapathizo: Abayobhapathizwa kufanele babe sezihlalweni zabo engxenyeni ebonisiwe ngaphambi kokuqala kwesimiso ngoMgqibelo ekuseni. Ngamunye ohlela ukubhapathizwa kufanele eze nengubo yokungena emanzini enesizotha nethawula. Ngemva kwenkulumo yobhapathizo nomthandazo wesikhulumi, usihlalo wesimiso uyonikeza iziyalezo ezimfushane kwabazobhapathizwa abese esho ingoma. Ngemva kokuba sekuhlatshelelwe umugqa wokugcina, abalindi bayoqondisa abayobhapathizwa endaweni yokucwiliswa noma ezimotweni eziyobayisa lapho. Njengoba ubhapathizo njengesibonakaliso sokuzinikezela komuntu luyindaba engathi sína neyomuntu siqu phakathi kwakhe noJehova, alikho ilungiselelo lalokho okuthiwa ubhapathizo lwabangane lapho abazobhapathizwa ababili noma ngaphezulu begaxana khona noma babambane ngezandla ngesikhathi bebhapathizwa.
Inkonzo Yezisebenzi Zokuzithandela: Usizo lwezisebenzi zokuzithandela luyadingeka ukuze umhlangano wesigodi uqhubeke ngokushelela. Ngisho noma ungase ukwazi ukusebenza ingxenye yomhlangano kuphela, iyokwaziswa inkonzo yakho. Uma ungase ukwazi ukusiza, siza ubikele uMnyango Wenkonzo Yezisebenzi Zokuzithandela emhlanganweni. Izingane ezingaphansi kweminyaka engu-16 ubudala nazo zingakwazi ukunikela ekwenzeni umhlangano uphumelele, kodwa kufuneka zisebenze nomzali noma omunye umuntu omdala othembekile.
Izingoma: Njengoba ukuhlabelela kuyingxenye yokukhulekela kwethu sinikhuthaza nonke ukuba niprakthize lezingoma ezilandelayo eziyoba ingxenye yesimiso: 91, 59, 111, 148, 191, 113, 114, 164, 183, 166, 156, 202, 105, 151, 181, 70, 42, 106, 53, 79, no-85. (Situsa ukuba amabandla aqale ukuprakthiza okungenani ingoma eyodwa ngemva komhlangano ngamunye.)
Umhlangano Wabafuna Ukungenela Inkonzo YaseBethel: Ngosuku lwesibili kuyoba nomhlangano wanoma yibaphi abamemezeli abazinikezele abaneminyaka yobudala ephakathi kuka-19 no-35 abangathanda ukungenela inkonzo yaseBethel. Kuyokwenziwa izaziso emhlanganweni ngokuphathelene nesikhathi nendawo yalomhlangano.
Amabheji: Emhlanganweni noma lapho ulibangise endaweni yomhlangano noma ubuya siza ufake ibheji elilungiselelwe ngokukhethekile. Lokhu ngokuvamile kusenza sikwazi ukunikeza ubufakazi obuhle lapho sisendleleni. Amabheji kufanele atholwe ngebandla lakini, njengoba engeke atholakale emihlanganweni. (Okufanele kuphawulwe amabandla: Ama-oda ayofika sekwedlule u-November 1, 1993 ngeke asingathwe. Bhekani INkonzo Yethu YoMbuso ka-August 1993, ngaphansi kwesithi IZaziso.)
Isibonakaliso Somuntu Siqu: Ngaphandle kwebheji loMhlangano “Wokufundisa Kwaphezulu,” umuntu ngamunye ukhuthazwa ukuba ahlale ephethe ikhadi le-Advance Medical Directive libe kuyena emzimbeni. Amalungu omkhaya waseBethel kanye namaphayona kufanele futhi aphathe namakhadi awo esibonakaliso.
Isixwayiso: Kungakhathaliseki ukuthi upaka kuphi, kufanele ukhiye imoto yakho ngazo zonke izikhathi futhi ungalokothi ushiye noma yini ibonakala ngaphakathi. Gcina izinto zakho zikhiyelwe ebhuthini uma kunokwenzeka. Futhi, qaphela izigebengu nabakhuthuzi, abadonswa imibuthano emikhulu. Lokhu kuhlanganisa ukungashiyi noma yini ebalulekile ingabhekwe muntu ezihlalweni emhlanganweni. Kuye kwaba ngisho nemibiko yabantu ababi abazama ukuyengela abantwana kude nendawo yomhlangano. Sizani niqaphele.
Kuye kwabikwa futhi ukuthi kwamanye amahhotela kulula ukubukela amafilimu ethelevishini anokuziphatha okubi noma ngisho nezithombe ezingcolile zobulili. Lokhu kuqokomisa isidingo sokuvimbela ukuba izingane zibuke i-TV zingaqondiswa kulezindawo zokulala.
Abanye abazalwane kanye nabantu abathakazelayo baye bashayela abaphathi bezindawo zomhlangano ucingo befuna ukwaziswa ngokuphathelene nezikhathi zokuqalisa kwezimiso kanye nezinye izindaba. Sizani ningakwenzi lokhu. Uma ukwaziswa enikudingayo kungatholakali ku-Nkonzo Yethu YoMbuso, kufanele nibhalele ekhelini lomhlangano eningalithola kunobhala webandla lakini.