Ukufeza Inkonzo Yethu YoMbuso NjengoFakazi BakaJehova
1 NjengoFakazi BakaJehova sinelungelo elikhulu kunawo wonke emhlabeni. Simelela uJehova ecaleni lenkantolo yomhlaba wonke elimangalela bonke labo abakhulekelwa njengonkulunkulu. (Isaya 41:1, 23; 43:12) Ukuze asisize ukuba silivikele ngokufanelekile ithemba lethu, uJehova uye wasilungiselela umtapo onazo zonke izincwadi esizidingayo. (1 Pet. 3:15) IWatch Tower Publications Index iyisihluthulelo esiyinhloko sokuthola ukwaziswa esikudingayo. Ukujwayelana nezinye zezici zayo eziyinhloko kuyosisiza ukuba sibe nekhono ngokwengeziwe ekuyisebenziseni.
2 Sonke kumelwe sijwayelane kahle nesihloko esibalulekile esithi “Jehovah.” Ngaphansi kwalesosihloko kuyi-Index ka-1986-1989, ingabe ungazithola izikhombo ezichaza ukuvumela kukaJehova ububi okwesikhashana? Futhi, uzothola isihloko esiphakathi nendawo esithi “Name” kokubili kuyi-Index ka-1930-1985 neIndex yamuva. Izikhombo zazo zonke izinto ezikhishiwe eziphathelene negama elithi Jehova zihlanganisiwe lapha. Ohlwini Lwezindaba oluphuma minyaka yonke ekhasini elingemuva leNqabayokulinda kaDecember 15 kuhlelwe ukwaziswa okufanayo ngaphansi kwesihloko esithi “UJehova.”
3 Esinye isihloko esibaluleke kakhulu esithi “Jehovah’s Witnesses.” Sihlanganisa izikhombo ezikhuluma ngoFakazi BakaJehova njengenhlangano. Ingabe uyazi ukuthi uyini umbono wethu ongokomthetho ngemfundo ethuthukisiwe, ukuhlolwa kwezidumbu, ukubulala ngenxa yokuzivikela, noma usizo lwezenhlalakahle olunikezwa umphakathi? Uzothola izikhombo zemibuzo enjalo ngaphansi kwesihlokwana esithi “attitude toward—.” Uma uqhubeka kunohlu lwemilando yosuku lwanamuhla yoFakazi BakaJehova emazweni ahlukahlukene, futhi uhlu olukhulu lokukhulumela ngoFakazi BakaJehova lutholakala ngaphansi kwesihloko esiphakathi nendawo esithi “Statements by Others.” Ukwaziswa okufanayo kuhlelwe ngaphansi kwesihloko esithi “OFakazi BakaJehova” oHlwini Lwezindaba lwaminyaka yonke lweNqabayokulinda ngayinye kaDecember 15.
4 Ukwaziswa okumaqondana nendlela abantu bakaJehova ezikhathini zanamuhla abaye bafeza ngayo inkonzo yabo yoMbuso kungalandelwa kusetshenziswa izihloko ezinkulu eziningana. Ngaphansi kwesihloko esithi “Dates,” kunesihloko esiphakathi nendawo esithi “Clarification of Beliefs.” Izikhombo zezincazelo ezinkulu ngendlela esiqonda ngayo izimfundiso ezithile, isiprofetho, nemifuziselo engokwesiprofetho zihlelwe ngokulandelana kweminyaka. Esithi “Dates of Prophetic Significance” silandela cishe ngokushesha. Lena iminyaka lapho iziprofetho noma imifuziselo engokwesiprofetho okwagcwaliseka noma okwaqala ngayo ukugcwaliseka.
5 Izindaba zokuphila kwezinceku ezithembekile zikaJehova ziwumthombo wesikhuthazo nesiyalo kithi. Zingasisiza ukuba sibeke isisekelo esiqinile sesikhathi esizayo ezinganeni zethu nasezifundweni zethu zeBhayibheli. Uzothola lezindaba zokuphila zihlelwe ngokwamagama abantu siqu nesihloko sendaba ngaphansi kwesithi “Life Stories of Jehovah’s Witnesses.” Bheka futhi isihloko esithi “Izindaba Zokuphila” oHlwini Lwezindaba lwaminyaka yonke lweNqabayokulinda kaDecember 15.
6 Okuvelele kubantu bakaJehova imfundiso engokomBhalo yezindawo ezimbili zalabo abavunyelwe uJehova—eyasezulwini neyasemhlabeni. Isihloko esikhulu esithola ngaphansi kwaso izikhombo ezikhuluma ngalabo abamukele ‘ubizo lwasezulwini’ esithi “Congregation of God.” (Heb. 3:1; IzE. 20:28; 1 Thim. 3:15) Ezinye izihloko esithi “Remnant” nesithi “144 000.” Izihloko ezimbili, esithi “Great Crowd” nesithi “Other Sheep,” zingeziyinhloko ezikhomba ekwazisweni okuphathelene nalabo abathemba labo liwukuphila okuphakade emhlabeni.—IsAm. 7:9; Joh. 10:16.
7 Kungakhathaliseki ukuthi sibancane noma sibadala, ilungelo lokuba omunye woFakazi BakaJehova lihilela zonke izici zokuphila. Izihloko zangesikhathi esizayo zeNkonzo Yethu YoMbuso ziyobonisa indlela i-Index engasisiza ngayo enkonzweni yethu, ebandleni, emkhayeni, nasensimini.