Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 10/93 k. 2
  • Imihlangano Yenkonzo Ka-October

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imihlangano Yenkonzo Ka-October
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • Izihlokwana
  • Isonto Eliqala Ngo-October 4
  • Isonto Eliqala Ngo-October 11
  • Isonto Eliqala Ngo-October 18
  • Isonto Eliqala Ngo-October 25
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
km 10/93 k. 2

Imihlangano Yenkonzo Ka-October

Isonto Eliqala Ngo-October 4

INgoma 225

10 imiz:Izaziso zebandla neZaziso ezikhethwe ku-Nkonzo Yethu YoMbuso. Sikisela izindlela omagazini bamuva abangasetshenziswa ngazo ensimini yebandla. Gcizelela ukubaluleka kokuhambisa izikhokhelo ze-Phaphama! ne-Nqabayokulinda ngazo zonke izikhathi. Phindela kuzo zonke izindawo ohambise kuzo omagazini ngenjongo yokuqalisa imizila kamagazini. U-October uyinyanga yokugcina yomkhankaso wensimu engabelwe. Khuthaza bonke ukuba bawasekele ngokugcwele amalungiselelo okugcina ensimu engabelwe. Uma isikhathi sivuma, landisa okuhlangenwe nakho okukodwa noma okubili okuthakazelisayo kwasensimini engabelwe.

15 imiz: “Ukubonisa Ukungakhethi Enkonzweni Yethu.” Imibuzo nezimpendulo. Qokomisa izici zalendaba ezithinta insimu yebandla ngokuyinhloko.

20 imiz:Yandisa Inkonzo Yakho Yendlu Ngendlu Phakathi No-October. Umbonisi wenkonzo noma omunye umzalwane ofanelekayo uxoxa nezilaleli ngokubaluleka kwenkonzo yendlu ngendlu. Yiba nemiboniso: (1) Ummemezeli uqalisa ingxoxo ezoholela esihlokweni esiku-Phaphama! noma INqabayokulinda yamuva. Ummemezeli uhambisa isikhokhelo se-Phaphama! noma se-Nqabayokulinda. (2) Ukuhlelwa komboniso kusafana, kodwa isikhokhelo siyenqatshwa. Ummemezeli uhambisa omagazini abese ebeka isisekelo somzila kamagazini. (3) Ummemezeli usebenzisa ipheshana ukuze aqalise ingxoxo ngokwethukela abese ehambisa omagazini bamuva kumuntu othakazelayo. (4) Ummemezeli owenza umzila kamagazini unquma ukuhambisa isikhokhelo. Ukuguquguquka okunjalo kufanele kukhuthaze bonke abamemezeli ukuba bandise inkonzo yabo yendlu ngendlu phakathi no-October. Ngokungangabazeki abanye ebandleni bazobe bekhonza njengamaphayona asizayo kulenyanga. Kungenzeka akukephuzi kakhulu ukuba abanye abangase bakwazi ukubhalisa njengamaphayona ukuba benze kanjalo.

INgoma 42 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-October 11

INgoma 4

10 imiz:Izaziso zebandla. Umbiko wezimali. Funda incwadi yokubonga iminikelo, futhi uncome ibandla ngokusekela ngomusa umsebenzi womhlaba wonke nangokunakekela izidingo zezinto ezibonakalayo zebandla. Kafushane bukeza amalungiselelo enkonzo yasensimini alelisonto, futhi uzwakalise ukwazisa ngokusekela kwabamemezeli ngentshiseko.

15 imiz:“Ukuhambisa Izikhokhelo Endlini Ngendlu.” Ingxoxo nezilaleli. Sinesizathu esihle sokushiseka lapho sihambisa izikhokhelo kubantu esihlangana nabo enkonzweni yasensimini nakulabo esifakaza kubo ngokwethukela. Omagazini baba nemihla ehlukahlukene futhi kufanele kuhanjiswe omagazini bamuva kodwa akudingeki sinqikaze ukuhambisa omagazini abadala uma izimo zivuma. Qikelela ukuthi omagazini obahambisayo bahlanzekile futhi basesimweni esihle. Yiba nommemezeli ofanelekayo enze umboniso ngentshumayelo esesigabeni 3.

20 imiz:“Ukufundisa Kwaphezulu Kunethonya Elinamandla.” Ukuhlanganiswa kwesihloko ngemibuzo nezimpendulo. Funda izigaba nemibhalo ekhonjiwe uma isikhathi sivuma.

INgoma 44 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-October 18

INgoma 65

10 imiz:Izaziso zebandla. IZindaba EzingokwaseZulwini.

15 imiz:“Nakekela Isithakazelo Esitholiwe.” Inkulumo ehlanganisa imibuzo ebhekiswa ezilalelini. Bonisa indlela abamemezeli abaye baba nesithakazelo ngayo ensimini yebandla, noma ube nommemezeli olandisa ngokuhlangenwe nakho kwamuva okubonisa ukubaluleka kokuphindela kulabo abaye benza izikhokhelo noma abaye bamukela omagazini i-Phaphama! ne-Nqabayokulinda.

20 imiz:“Zuza Ngokugcwele EMhlanganweni Wesigodi ‘Wokufundisa Kwaphezulu’ Ka-1993—Ingxenye 1. Ingxoxo nezilaleli ngezigaba 1-16. Abamemezeli kufanele baxoxe ngamaphuzu afanelekile nabantu abafunda nabo iBhayibheli abazobe bekhona emhlanganweni.

INgoma 60 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-October 25

INgoma 75

10 imiz:Izaziso zebandla. Hlanganisa namalungiselelo enkonzo yasensimini alelisonto, bese udonsela ukunakekela emaphuzwini akomagazini bamuva abamemezeli abangawasebenzisa lapho behambisa izikhokhelo. Uma isikhathi sivuma, yenza imiboniso emifushane yentshumayelo eyodwa noma ezimbili eziyofanelekela insimu yebandla. Nikeza izikhumbuzo ngesidingo sokuphindela kubo bonke ababonise isithakazelo.

15 imiz:“Zuza Ngokugcwele EMhlanganweni Wesigodi ‘Wokufundisa Kwaphezulu’ Ka-1993”—Ingxenye 2. Xoxa nezilaleli ngezigaba 17-19 bese ubukeza ngokucophelela esithi “Esikukhunjuzwa NgoMhlangano Wesigodi.” Hlanganisa nezikhumbuzo ezifanelekayo ezisekwazisweni okuku-Nqabayokulinda ka-June 15, 1989, amakhasi 10-20, noma ukhuthaze imikhaya ukuba ibukeze amaphuzu akulezihloko ngaphambi kokuya emhlanganweni.

20 imiz:“Ukuqhuba Isifundo SeBhayibheli Sasekhaya.” Ukuhlanganiswa kwesihloko ngemibuzo nezimpendulo. Yenza umboniso olungiselelwe kahle wommemezeli osiza umfundi ukuba aqonde indlela umbhalo okhonjiwe osekela ngayo ukwaziswa okusesigabeni esicatshangelwayo. Kuwo lowomboniso ummemezeli usebenzisa imibuzo esizayo ukuze asize umfundi enze iqiniso libe ngelakhe. Sebenzisa ingxenye ekhethwe encwadini ethi Ubunye Ekukhulekeleni noma ethi Ungaphila Phakade.

INgoma 78 nomthandazo wokuphetha.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela