Ukusiza Imikhaya Ukuba Ibe Nekusasa Elihlala Njalo
1 “Ukuhaha Kunempilo,” Umuntu Obolekisa Ngezimali Watshela Ikilasi Lasekolishi Elalithweswa Iziqu, Enezela: “Ungaba Ngohahayo Kodwa Uqhubeke Uzizwe Kahle Ngawe Ngokwakho.” Yileyo Kanye Indlela Leli Lizwe Elithuthukisa Ngayo Umoya Wokuzikhathalela Wena Siqu Njengendlela Yokuqinisekisa Ikusasa Lakho. Ngokuphambene Kakhulu Nalokho, UJesu Wafundisa Ukuthi UmKristu Kufanele ‘Azidele . . . Ngoba Kuyoba Nanzuzoni Kumuntu Uma Ezuza Izwe Lonke Kodwa Alahlekelwe Umphefumulo Wakhe?’ (Math. 16:24-26) Ukuze Abe Nekusasa Elihlala Njalo, Umuntu Kufanele Agxilise Konke Ukuphila Kwakhe Ekwenzeni Intando KaNkulunkulu—Umgomo Obaluleke Kakhulu Wemikhaya Namuhla. (IHu. 143:10; 1 Thim. 4:8) Leso Sigijimi Sisesahlukweni Sokugcina Sencwadi Ethi Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya. Lencwadi Entsha Isiza Abantu Ukuba Babone Ukuthi Yini Ebaluleke Ngempela Ekuphileni Nanokuthi Bangayizuzisa Kanjani Imikhaya Yabo. Njengoba Siqhubeka Sishumayela Izindaba Ezinhle Kuyo Yonke Indawo, Yini Esingayisho Ezokhuthaza Labo Esihlangana Nabo Ukuba Bafunde Lencwadi Ethi Injabulo Yomkhaya? Nakhu Okunye Ukusikisela:
2 Kokubili ezindlini nasemigwaqweni, ungase uzame ukusebenzisa ipheshana elithi “Jabulela Ukuphila Komkhaya” ukuze uqale ingxoxo. Ungase ubuze:
“Njengoba ukuphila kwesimanje kusilethela izinkinga eziningi kangaka, ucabanga ukuthi kungenzeka ukuba nokuphila komkhaya okujabulisa ngempela? [Lindela impendulo.] Leli pheshana lisiqinisekisa ngokuthi kungenzeka. Ungathanda yini ukulifunda?” Uma lamukelwa, ungase uqhubeke uthi: “Njengoba unesithakazelo kulendaba, ungase futhi uyijabulele lencwadi enikeza iseluleko esiningilizayo sokuthi ungayithola kanjani injabulo emkhayeni.” Mbonise ikhasi lokuqukethwe yilencwadi ethi Injabulo Yomkhaya. Mbonise izihloko ezimbalwa ezikhangayo. Vula ikhasi 10, bese ufunda umusho wokugcina wesigaba 17 kuze kube sekugcineni kwesigaba 18. Hambisa lencwadi ngomnikelo ka-R4,00. Chaza ukuthi unokwengeziwe ongakuhlanganyela naye, bese umbuza ukuthi ningabonana nini futhi.
3 Ungase ulandelele ingxoxo yenu yokuqala eyayiphathelene nokuphila komkhaya okujabulisayo ngokuba uthi:
◼ “Ngingathanda ukukubonisa okuthile encwadini owayithatha engicabanga ukuthi uzokujabulela kakhulu. Isahluko sokugcina sigxile emfihlweni yangempela yenjabulo yomkhaya. [Funda isigaba 2 ekhasini 183.] Phawula ukuthi ukusebenza ndawonye ekwenzeni intando kaNkulunkulu kuyisihluthulelo. Situsa ukuba imikhaya itadishe iBhayibheli ndawonye ukuze ifunde ukuthi iyini intando kaNkulunkulu nanokuthi ingayenza kanjani ekhaya. Sinikeza imfundo yamahhala yeBhayibheli ethatha nje izinyanga ezimbalwa. Uma ungangivumela, ngizokubonisa ukuthi siqhutshwa kanjani.” Buyela nencwajana engangomagazini ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? noma incwadi Ulwazi, kuye ngokuthi yikuphi okufaneleka kakhulu.
4 Lapho uxoxa nofunda nabo esikoleni noma kwenye intsha ensimini, ungase ubuze lombuzo:
◼ “Kubaluleke kangakanani ngabazali nezingane zabo ukugcina imizila yokukhulumisana ivulekile? [Lindela impendulo.] Phawula lokho lencwadi yokuphila komkhaya ekushoyo ngendaba ‘Yokukhulumisana Okuqotho Nokukhululekile.’ [Funda sonke isigaba 4 kanye nomusho wokuqala wesigaba 5 ekhasini 65 encwadini ethi Injabulo Yomkhaya.] Izigaba ezilandelayo zinikeza ukusikisela okuwusizo kwendlela yokuthuthukisa ukukhulumisana emkhayeni. Lencwadi inesihloko esithi Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya. Uma ungathanda ukuyifunda, ungayithola lena ngomnikelo ka-R4,00.” Chaza ukuthi uzobuya uzokuzwa ukuthi uzizwa kanjani ngalokho akufundayo.
5 Ungakhela engxoxweni yenu yakuqala owaba nayo nomuntu omusha ngokuphathelene nokukhulumisana kwengane nomzali, ngokuba uthi:
◼ “Ngajabula ukubona isithakazelo owasibonisa ngokubaluleka kokuba kube nokukhulumisana okuhle emkhayeni wakini. Ucabanga ukuthi iyiphi indaba ebaluleke kakhulu okufanele abazali nezingane baxoxe ngayo?” Lindela impendulo. Yibe usuvula ikhasi 68 encwadini ethi Injabulo Yomkhaya, bese ufunda impendulo etholakala maphakathi nesigaba 11. “Ukuba nesifundo seBhayibheli samasonto onke kuyindlela enhle kakhulu yokuzuza ulwazi ngoNkulunkulu.” Hambisa incwajana engangomagazini ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? Chaza ukuthi izifundo zayo ezingu-16 zinikeza umqondo oyisisekelo wesigijimi seBhayibheli. Funda isethulo ekhasini 2, bese usikisela ukuxoxa naye ngesifundo sokuqala. Hambisa lencwajana ngomnikelo ka-R1,20.
6 Uma uhlangana nomzali emsebenzini wendlu ngendlu, noma mhlawumbe epaki noma ezitolo, ungase uvuse isithakazelo ngokuba uthi:
◼ “Ngiyaqiniseka ukuthi uzovuma ukuthi ukukhulisa izingane namuhla kuyinselele yangempela. Ucabanga ukuthi yini engavikela umkhaya wakho emathonyeni amabi? [Lindela impendulo.] Nasi iseluleko esinengqondo engiye ngasijabulela.” Landisa umfanekiso osesigabeni 1 bese ufunda isigaba 2 esisekhasini 90 encwadini Injabulo Yomkhaya. Chaza indlela enikeza ngayo isiqondiso esilinganiselayo esisebenza ngempela ukuze sivikele imikhaya emathonyeni onakalisayo. Hambisa lencwadi ngomnikelo ka-R4,00, bese uzenza utholakale ukuba uzophendula noma imiphi imibuzo ephakamayo.
7 Ekuhambeleni kwakho kwesibili umzali owamukela incwadi ethi “Injabulo Yomkhaya,” ungase uqhube ingxoxo ngalendlela:
◼ “Lapho siqala ukuhlangana, ngabona ukuthi uzikhathalela ngobuqotho izingane zakho nanokuthi ufuna ukwenza konke okusemandleni ukuba uzivikele emathonyeni amabi. Kungenzeka ukuthi awukayifundi, kodwa kunamaphuzu abaluleke kakhulu avezwe kulencwadi engakushiyela yona okufanele uwabone. [Funda isigaba 19 ekhasini 59.] Ukwakha ubuhlobo noNkulunkulu kudinga ukuba simazi ngeZwi lakhe elilotshiwe, iBhayibheli. Ungathanda yini ukuba ngikubonise indlela esifunda ngayo iBhayibheli njengomkhaya?”
8 Abeluleki bezwe abanakukwazi ukubonisa imikhaya indlela eyisa enjabulweni kodwa bayomane nje bayishiye idumazekile. Masiyisakaze kabanzi lencwadi ethi Injabulo Yomkhaya ukuze abantu kuyo yonke indawo basizwe ngeZwi likaNkulunkulu ukuba babe nekusasa elihlala njalo.—1 Thim. 6:19.