Kuphaphamele Ukuhambisa Izincwadi ZeBhayibheli
1 Yeka ukuthi sibonga kangakanani ngezincwadi zeBhayibheli uJehova asilungiselela zona njalo ngenhlangano yakhe! Sikwazisa kakhulu lokudla okungokomoya. Lapho sithola incwadi entsha, siyiphenya ngokulangazelela. Khona-ke, njengoba siyifunda ngokucophelela, sizuza ukuqonda. Ukwazisa kwethu ngoJehova nangezinjongo zakhe kuyakhula.
2 Izinzuzo zomuntu siqu esizitholayo zisishukumisela ukuba sihlanganyele nabanye izinto ezinhle esizifundile. (Math. 24:14) Sikukhathalele ukwenza izincwadi zeNhlangano zifinyelele ezandleni zabantu abaningi ngangokunokwenzeka. Lokhu kwenza ukuba nabo bakwazi ukufunda amaqiniso aqukethwe yile zincwadi zeBhayibheli ezifundisayo. Uma silungiselele kahle futhi sikuphaphamele ukuthatha isinyathelo kuqala sokuhambisa isipho sencwadi esihanjiswayo, singakwazi ukusiza abanye abantu abaqotho ukuba baphendukele kuJehova futhi bahlanganyele nathi enkonzweni yakhe.
ENDLINI NGENDLU
3 Phakathi noJanuary noFebruary siyobe sihambisa incwadi ethi Ukulondeka Komhlaba Wonke Ngaphansi ‘KweNkosi Yokuthula’ ngomnikelo ka-R2,50. Ngezinye izikhathi abantu basuke bematasa ngempela lapho sibahambela. Ezimweni ezinjalo, singase sifune nje ukubahambisela incwadi njengoba kusikiselwa esibonelweni sesibili esisekhasini 19 lencwadi ethi Ukubonisana. Noma singase sisho okuthile okufana nalokho okuphawulwe esibonelweni sesithathu kulelo khasi, sibonisa ukusiqaphela isimo somninikhaya bese sisho lokhu ngendlela eshukumisayo: “Kodwa njengoba ungenaso isikhathi sokuxoxa njengamanje, sisikisela ukuba wamukele labomagazini ababili ngomnikelo ka-R1,20 futhi ubafunde lapho ungasematasa kakhulu. Uzokujabulela ukufunda ngesithembiso sikaNkulunkulu sokuthile okusha.” Lamazwi abonisa ukucabangela ngezimo zomninikhaya, futhi ngesikhathi esifanayo, kuhanjiswa incwadi.
4 Yini engenziwa uma umuntu esenayo kakade incwadi esiyihambisayo? Kungani ungasebenzisi isimiso seBhayibheli esitholakala kweyoku-1 Korinte 3:6-9? Imbewu isitshaliwe kakade. Sebenzisa ithuba lokuyinisela ngokunikeza ubufakazi obuqhubekayo kulowomuntu. Noma singasho okuthile okunjengokuthi: “Ngiyajabula ngokuthi usunayo kakade ikhophi yalencwadi. Ngokungangabazeki uye wakujabulela ukuyifunda. Uma ungangivumela, ngingathanda ukukubonisa indlela ongazuza ngayo ngokwengeziwe kulencwadi. Ngizothatha imizuzu embalwa kuphela.” Khona-ke bonisa indlela esilitadisha ngayo iBhayibheli ngosizo lwaleyoncwadi. Injongo yethu yokuya kulelokhaya ayishintshi lapho umninikhaya esenayo incwadi. Khumbula, umgomo wethu oyinhloko ‘uwukwenza abafundi.’—Math. 28:19.
UKUFAKAZA NGOKWETHUKELA
5 Kufanele futhi siphaphamele amathuba engeziwe esingase sibe nawo okuhambisa izincwadi ekufakazeni ngokwethukela. Cabanga ngezindlela zokufakaza ezivakashini, ezihlotsheni, kosebenza nabo, kofunda nabo esikoleni, kubantu ohlangana nabo ezitolo, nalabo esihlangana nabo uma sisaya endlini noma emnyango olandelayo lapho sisenkonzweni yasensimini. Hlela kusengaphambili, ube nezincwadi ozozihambisa uma amathuba anjengalawo evela. Ngokuvamile, akunzima ukuphatha eyodwa noma ezengeziwe zalezincwadi ezincane. Kuningi okuhle okungafezwa ngokufakaza ngokwethukela.—1 Pet. 3:15.
6 Inhlangano kaNkulunkulu iye yasinikeza ngobuningi izincwadi zokusigcina siqinile ngokomoya futhi zisisize ekusakazeni izindaba ezinhle. Ukuphaphamela amathuba okuhambisa izincwadi zeBhayibheli kuyosisiza ukuba sikhulise igama likaJehova.—IHu. 34:3.