Isikhathi Somsebenzi Owandisiwe
1 Njengoba isiphelo salesimiso samanje sezinto esibi sisondela eduze njalo futhi siyibona indlela uJehova ayibusisa ngokucebe ngayo inkonzo yethu, kubalulekile ngathi ukulalela umyalo womphostoli uPetru wokuba ‘sibhukule izinkalo zengqondo yethu zilungele umsebenzi.’—1 Pet. 1:13, NW; Isaya 60:22.
2 Lapho uPetru enikeza lomyalo ongenhla, wayebhala ngokusindiswa okungaba okwethu ngegazi likaJesu Kristu elachitheka. Ukumemezela kwethu izindaba ezinhle zoMbuso kungenye indlela ebalulekile esinayo yokubonisa ukholo nokwazisa kwethu ngezinzuzo esizamukela ngenxa yothando lukaJehova olwaboniswa ngesipho seNdodana yakhe. (Joh. 3:16) Inkathi yeSikhumbuzo iyisikhathi sokukhuthala ngokwengeziwe kulomsebenzi owamiswa uNkulunkulu.
UKUGUJWA KWESIKHUMBUZO NENKULUMO EKHETHEKILE
3 Ukugujwa kweSikhumbuzo ngalonyaka kuyoba ngemva kokushona kwelanga ngoApril 10. Ngisho namanje, lapho silindele lolosuku olukhethekile, singahlola ubuhlobo bethu noJehova uNkulunkulu nendlela esiwukhumbula ngayo umhlatshelo kaJesu. Ingabe ukholo lwethu siyalubonisa nsuku zonke ngokunamathela ngokuqinile ezindinganisweni zikaJehova zokulunga ekucabangeni, enkulumweni, nasekuziphatheni kwethu? Ingabe siyalubonisa uthando ngabanye ngokuzikhandla ekushumayeleni ngoMbuso nasekwenzeni abafundi? Unyaka ngamunye ekugujweni kweSikhumbuzo sikhumbula ngendlela ekhethekile lokho uJehova uNkulunkulu noJesu Kristu abasenzele khona. (Luka 22:19; 1 Kor. 11:23, 24) Ukukhumbula okunjalo kokuzindla kufanele kusishukumisele esenzweni esiqondile ngokwamakhono nezimo zethu.
4 NgoMarch 25, amabandla amaningi oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke ayoba nenkulumo ekhethekile enesihloko esithi “Finyelela Ukuphila Okuyikho!” Yeka ithuba elihle ngabasha lokuba baqale ukuhlanganyela nebandla! Labo abayoba khona enkulumweni ekhethekile kufanele bakhuthazwe ukuba babe khona ekugujweni kweSikhumbuzo ngoApril 10.
YANDISA UKUSAKAZWA KOMAGAZINI ABAVELELE
5 Omagazini beNqabayokulinda nePhaphama! bafeza indima ebalulekile enkonzweni yethu yasobala kuyilapho besinika sisonke ukudla okungokomoya nokuthile kokufunda okufike ngesikhathi. Bonke abamemezeli boMbuso bayowazisa umzamo okhethekile owenziwe ekulungiselelweni komagazini baka April noMay. Siyobe siqokomisa labomagazini lapho sihambisa izikhokhelo. Lwela ukuwazi kahle umagazini ngamunye ngokushesha lapho uwuthola. Lokhu kuyoshukumisa intshiseko yakho yokuwuhambisa ensimini lapho uhambisa izikhokhelo nomagazini ngabanye noma lapho uhambisa omagazini ababili kanye nenye yezincwajana ezingangomagazini kulabo abangasenzi isikhokhelo.
6 Ingabe ungasenza isikhathi sobuphayona obusizayo phakathi noApril noMay esimisweni sakho siqu? Uma abamemezeli abaningana ebandleni behlela ukuphayona ngesikhathi esifanayo, bangasizana futhi bakhuthazane phakathi nalenkathi ekhethekile yomsebenzi owandisiwe. Abadala bayokujabulela ukusiza ngokwenza amalungiselelo engeziwe okufakaza ngamaqembu lapho kudingeke khona.
7 Cabangisisa ngezimo zakho, njengemithwalo yemfanelo yomkhaya, impilo engokomzimba, umsebenzi wokuziphilisa, noma isimiso sesikole. Uma ungeke ukwazi ukuphayona ngalesikhathi, ungakwandisa ngezinga elingakanani ukuhlanganyela kwakho enkonzweni yasensimini? Ngokuqinisekile uJehova uyajabula ngenkonzo yomphefumulo wonke ebonisa uthando nokwazisa kwethu ngaye nangesipho esiyigugu seNdodana yakhe, uJesu. Njengoba sizihlola ngokukhanyiselwa yiZwi LikaNkulunkulu futhi sibhukula izingqondo zethu sizilungiselela umsebenzi, singaqiniseka ngokusekelwa umoya kaJehova ekunikeleni ngemihlatshelo yokudumisa eyamukelekayo.—Heb. 13:15.