Ngifuna Isifundo SeBhayibheli!
1 Abaningi bethu baye baveza isifiso sokuba nesifundo seBhayibheli, bekusho ngesizathu esihle. Umsebenzi wezifundo zeBhayibheli usenza sifinyelele umgomo wethu wokwenza abafundi abasha. (Math. 28:19, 20) Kodwa abaningi bethu sebeqhubeke izinyanga, mhlawumbe neminyaka, bengayitholi injabulo ekhethekile etholakala ngokufundisa othile iqiniso. Yini esingayenza ngalokhu ngo-November? Njengoba kule nyanga sizobe sihambisa incwadi Ulwazi, singenza umzamo okhethekile wokuyisebenzisela ukuqala izifundo zeBhayibheli ezintsha.
2 Bekela Eceleni Impelasonto Eyodwa Noma Ezengeziwe: Sikhuthaza wonke umuntu ukuba abekele eceleni isikhathi esithile kule nyanga sokugxila ekuqaleni isifundo seBhayibheli esisha. Abaqhubi beSifundo Sencwadi Sebandla kufanele bakhethe izimpelasonto abangazisebenzisela le njongo ngokuqondile bese behlela amaqembu abo ukuba enze umzamo wokuzimisela emsebenzini wezimpindelo.
3 Phatha amarekhodi ezimpindelo zakho lapho uya kule mihlangano yenkonzo yasensimini. Yibe usuhambela bonke abaye babonisa isithakazelo, bathatha izincwadi noma baba khona emihlanganweni. Phindela kumuntu ngamunye ngenjongo ekhethekile yokuqala isifundo.
4 Yenzani Umboniso Wesifundo SeBhayibheli: Emihlanganweni yenkonzo ekhethiwe, kufanele kube nomboniso olungiselelwe kahle, obonisa indlela yokuqala isifundo empindelweni. Ungase uthi: “Abantu abaningi banalo iBhayibheli, kodwa abaqapheli ukuthi linezimpendulo zemibuzo ebalulekile sonke esibhekana nayo ekuphileni. [Mbonise ikhasi lokuphakathi lencwadi Ulwazi, bese ufunda izihloko zezahluko 3, 5, 6, 8, no-9.] Usebenzisa le nsiza-kufunda isikhathi esingangehora ngesonto, ungazuza ulwazi oluyisisekelo lweBhayibheli ngezinyanga nje ezimbalwa. Uma ungakhetha esinye salezi zihloko, ngingakujabulela ukukubonisa indlela lesi simiso esisebenza ngayo.” Uma lowo muntu enqikaza ukufunda ngenxa yokuba nesimiso esimatasa, mchazele ukuthi sinaso nesimiso esifushanisiwe. Mbonise incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo?, bese usikisela ukufunda naye isonto ngalinye isifundo esisodwa esifushane esithatha imizuzu engu-15-30.
5 Uma sonke senza umzamo obumbene wokuqala izifundo futhi sithandazela isibusiso sikaJehova emizamweni yethu, ngokuqinisekile siyozithola izifundo ezintsha! (1 Joh. 5:14, 15) Uma ufuna isifundo seBhayibheli, kungenzeka leli yilona thuba lakho lokusithola.