Enye Indlela Yokusebenzisa Incwajana Ethi Umyalezo WeBhayibheli
Abantu abaningi ensimini yethu, ikakhulukazi labo abangamalungu ezinkolo ezingezona ezobuKristu, abajwayelene neBhayibheli. Lapho befunda incwadi ethi Okufundiswa YiBhayibheli nalabo bantu, abanye abamemezeli baye basebenzisa nencwajana ethi Umyalezo WeBhayibheli ukuze babasize bathole amazwibela alokho okuseBhayibhelini. Ngokwesibonelo, omunye umzalwane uhlanganisa nengxenye 1 esencwajaneni uma befunda isahluko 3 sencwadi Okufundiswa YiBhayibheli. Ngemva kwalokho, ube esexoxa ngenye ingxenye ekupheleni kwesifundo ngasinye. Ingabe ufundela umuntu onolwazi olungatheni ngeBhayibheli noma ongazi lutho nhlobo? Ukuze umsize afunde ‘imibhalo engcwele, ekwazi ukumhlakaniphisela insindiso,’ cabangela ukwenezela incwajana ethi Umyalezo WeBhayibheli lapho nifunda incwadi Okufundiswa YiBhayibheli.—2 Thim. 3:15.