Jwayelana Nezincwadi Ezintsha Ezikhululwe EMhlanganweni
1 Izinto ezintsha ezimbili, incwadi nencwajana, ziye zanezelwa enqolobaneni yethu ecebile yokudla okungokomoya. Ngaphezu kokusisiza sonke ukuba sikhulume ulimi oluhlanzekile ngendlela ehluke ngokwengeziwe, ngokuqinisekile lezincwadi ezintsha ezikhululwe eMhlanganweni Wesigodi “Wolimi Oluhlanzekile” ziyoba nethonya elinamandla enkonzweni yethu yasensimini.—Zef. 3:9.
2 Lapho sikhulula incwajana entsha, isikhulumi sasemhlanganweni sathi: “Enkonzweni yasensimini—endlini ngendlu, ezimpindelweni, nalapho kuqhutshwa izifundo zeBhayibheli—sivame ukubuzwa ukuthi kungani singenakulifaka igazi. Ukukusiza ukuba ukwazi ukuphendula lowombuzo, kuyinjabulo ukukhulula incwadi entsha. Lena iyilencwajana engangomagazini, ethi Igazi Lingakusindisa Kanjani Ukuphila Kwakho?” Ingabe usukwenzile ukwaziswa okubalulekile okukulencwajana kwaba ngokwakho ngokuyifunda ngokucophelela? Kubalulekile ngawe ukuba wenze kanjalo ukuze uqinise ukholo lwakho futhi ulungele ukusiza abanye ukuba baqonde umbono wamaKristu ngegazi.—IzE. 15:28, 29.
3 Lokhu kwaziswa okufakazelwe kahle okukulencwajana kuyokuhlomisela ngokwengeziwe ukuba uchaze ukuma nezifiso zakho kunoma imuphi udokotela. Nokho, lencwajana entsha ayiyona ngokuyinhloko eyodokotela nabameli. Iklanywe yabhalelwa ngokuyinhloko umphakathi. Ungabona indlela injongo yayo ekabili eyenza ngayo ibe ithuluzi elibaluleke kakhulu okumelwe silisebenzise kulesikhathi. Kusikiselwa ukuba uphathe ikhophi eyodwa noma amabili ayo ensimini. Kusebenzise ngokugcwele lokhu kwaziswa okuyigugu ngokwenzuzo yakho siqu nasekusizeni abanye ukuba babonise inhlonipho efanelekile ngegazi.
INCWADI ENTSHA
4 Ake ucabange nje ngokubaluleka kwencwadi entsha ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu ekusisizeni enkonzweni yethu. Ukuyitadisha kuyosinikeza ukuqonda okucace ngokwengeziwe ngezinye izinkolo nesizinda sazo esingokomlando. Iyosisiza ukuba sikuhlomele kangcono ukushumayela kubantu beLobukholwa kanye nakulabo abanamathele kwezinye izinkolo. Ngenxa yokuthutha okukhulu kwabantu phakathi nalelikhulu lama-20 leminyaka, singase sithole abantu bezilimi nezinkolo eziningi ezihlukahlukene lapho sishumayela endlini ngendlu. Lokhu kubeka inselele yangempela lapho singajwayelene nezinkolelo namasiko alabantu. Ngosizo lwalencwadi entsha, akumelwe sizizwe sikhungatheka lapho sihlangana nabantu bezizinda zenkolo ezihlukahlukene ensimini yethu.
5 Ukwaziswa okukulencwadi entsha kuye kwacwaningwa futhi kwabukezwa abantu abajwayelene ngokuphelele nezihloko okuxoxwa ngazo. Ngakho-ke, singakhuluma ngegunya lapho sisebenzisa izinkulumo ezitholakala kulencwadi. Ngokuqinisekile, ukulungiselela ukwaziswa okunjalo kulesikhathi kungobunye ubufakazi bothando olukhulu lukaJehova ngabantu bazo zonke izizwe. Masenzeni umzamo obumbene wokujwayelana kahle nalencwadi entsha bese siyisebenzisa ngokuphumelelayo ekusizeni abantu abaqotho bezizinda ezihlukene zezizwe nezenkolo. Yebo, ukusebenzisa lencwadi entsha ngokuphumelelayo kuyosinikeza ukwaneliseka kokwazi ukuthi senza izindaba ezinhle zaziwe kubantu bazo zonke izinhlobo njengoba sibathola ensimini yethu esiyabelwe.—Math. 28:19, 20; Thithu 2:11.