Bashukumise Ukuba Bathuthuke Ngokwenza Izimpindelo Eziphumelelayo
1 Ukuze sisize labo abaye babonisa isithakazelo, kubalulekile ukuba siqhubeke sibanikeza ukudla okungokomoya okugelezayo ngokwenza izimpindelo njalo. Ngokuhamba kwesikhathi ukuhambela kwethu kuyosiza ekubashukumiseleni ukuba bathuthuke ngokomoya. (1 Kor. 3:6-9) Nokho, ukuze ukuhambela kwethu kube okuphumelelayo, kudingeka silungiselele kusengaphambili, sicabanga ngalowomuntu.
2 Ukuphindela Kulabo Esibashiyele Ipheshana: Mhlawumbe ekuhambeleni kokuqala kwahanjiswa ipheshana elithi Ukuphila Ezweni Elisha Elinokuthula.
Ngemva kokubukeza kafushane okwakuxoxwe ngakho, singabuza okuthile okunjengalokhu:
◼ “Yimuphi uhulumeni ongaletha lezizinguquko? [Nikeza umninikhaya ithuba lokuphawula.] Ngokungangabazeki nawe ungakujabulela ukuphila ezimweni ezinjengalezi. Singazijabulela kanjani izimo ezinjengalezi?” Khona-ke kungacatshangelwa ukwaziswa okungaphansi kwesihlokwana esithi “Indlela Ongakuthola Ngayo.” Donsela ukunakekela encwadini ethi Ungaphila Phakade, esahlukweni 15 esithi, “Ukuba Yisikhonzi Sikahulumeni KaNkulunkulu.” Singase sixoxe ngezigaba ezimbili zokuqala bese sibuza lombuzo: “Kufanele kusithinte kanjani ukufunda ngoNkulunkulu?” Kungenziwa amalungiselelo okuphendula lombuzo nokuxoxa ngokwaziswa okwengeziwe okukulesisahluko ekuhambeleni okulandelayo.
3 Lapho siphindela kulabo esibashiyele incwadi ethi “Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni,” singase sithi:
◼ “Ekuhambeleni kwami okudlule, sixoxe ngezinkinga eziningi ezibhekene nesintu nalokho uNkulunkulu athembisa ukukwenza ngazo. Nokho, kungani uNkulunkulu evumele ububi isikhathi eside kangaka? Impendulo ethakazelisayo itholakala esahlukweni 11 sencwadi engikushiyele yona.” Cela umninikhaya ukuba alande incwadi yakhe uma iseduze. Ngemva kokucabangela izigaba ezimbalwa, singase sibuze: “Ingabe ucabanga ukuthi kuyoke kwenzeke ukuphila emhlabeni lapho ububi bungeke buphinde bube khona, lapho abantu beyojabulela khona ukuphila okuphakade ngaphansi kukahulumeni olungile?” Tshela umninikhaya ukuthi uyokujabulela ukubuya ngesonto elilandelayo futhi nixoxe ngezimpendulo zalemibuzo esahlukweni sokuqala esithi, “Ukuphila Phakade Akulona Nje Iphupho.”
4 Ukuphindela Kulabo Esibashiyele Omagazini: Uma usebenzise isihloko esithile esithakazelise umninikhaya, thuthukisa amaphuzu engeziwe kulesihloko lapho uphindela, ukukhulumela kwakho kugxilise embhalweni owodwa oyisihluthulelo nasekwazisweni okuxoxwa ngakho. Uma kunesithakazelo esiqhubekayo, kungaxoxwa ngezinzuzo zomagazini. Futhi, kungadonselwa ukunakekela kumagazini olandelayo uma uxoxa ngesihloko esifanayo. Ngaphandle kwalokho, singadonsela ukunakekela ekwazisweni okusencwadini ethi Ungaphila Phakade okuxoxa ngendaba efanayo futhi senze amalungiselelo okuxoxa ngakho ekuhambeleni kwethu okulandelayo.
5 Ukubonisa kwethu isithakazelo somuntu siqu ekulandeleleni ngokwenza izimpindelo eziphumelelayo kuyobonisa uthando lwethu ngabantu nangoJehova. (Joh. 13: 34, 35) Kwangathi singaqhubeka sishukumisa labo abasensimini yethu ukuba bakhule ngokomoya ngokwenza izimpindelo eziphumelelayo ngaso sonke isikhathi.